Ithandwa Ukwedlula Amathoyizi
Ingabe abantwana bangathanda incwadi ukwedlula amathoyizi? Kungenzeka uma abazali beqala ukubafundela izincwadi beseyizinsana. UMebrahdtu no-Angela, umbhangqwana ohlala eCalifornia, e-U.S.A., baqala ukufundela indodakazi yabo incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu kusukela ngosuku eyafika ngalo ivela esibhedlela.
Labo bazali babhala, “Ngenxa yalokho, indodakazi yethu isiyayithanda incwadi ethi UMfundisi Omkhulu. Lapho isinezinyanga nje ezingu-12 kuphela ubudala, yaqala ukuzicelela ukuba siyifundele lokho eyayikubiza ngokuthi incwadi kaJesu. Manje uJulianna useneminyaka emithathu ubudala futhi uzilindela ngabomvu izikhathi ezimnandi zokuba ndawonye nomama noma ubaba usuku ngalunye. Aseqisi uma sithi indodakazi yethu ithanda le ncwadi ukwedlula noma imaphi amathoyizi. Izithombe nemifanekiso zingamathuluzi okufundisa awusizo. Nathi njengabazali bayo sifunda okuningi.”
Ungacela ikhophi yale ncwadi enemifanekiso emihle enamakhasi angu-256, alingana nawalo magazini ngobukhulu. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.