Ukuphila Ngemva Kokufa—Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Alikufundisi lokho abantu abaningi abatshelwe ukuthi liyakufundisa. Ngokwesibonelo, alikufundisi . . .
◼ Ukuthi bonke abantu abalungile baklonyeliswa ngokuphila ezulwini.
◼ Ukuthi izihlobo esezashona kufanele zikhulekelwe noma zidunyiswe.
◼ Ukuthi abafile bangabalimaza noma babazuzise abasaphila.
◼ Ukuthi abantu banomphefumulo ongafi—imfundiso yezinkolo eziningi, eyisisekelo sezimfundiso eziningi ezingqubuzana nemiBhalo, njengokuhlushwa esihogweni somlilo noma ukuphindukuzalwa.
Kodwa, elikufundisayo kuhle futhi kuyaduduza, njengoba kuchazwe ngendlela ecacile futhi elula kule ncwadi ebonisiwe. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.