Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/07 k. 9
  • 5. Iziprofetho Ezagcwaliseka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 5. Iziprofetho Ezagcwaliseka
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Yesiprofetho
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • UJehova UnguNkulunkulu Weziprofetho Eziyiqiniso
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Iziprofetho Ezagcwaliseka
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 11/07 k. 9

Izizathu Zokwethemba IBhayibheli

5. Iziprofetho Ezagcwaliseka

Ake ucabange ngombikezeli wezulu onomlando omude wokunemba lapho ebikezela—ngaso sonke isikhathi. Uma ebikezela ukuthi lizokuna, ubungasiphatha yini isambulela?

IBHAYIBHELI ligcwele izibikezelo, noma iziprofetho.a Umbiko walo, ofakazelwa umlando, ucacile. Iziprofetho zeBhayibheli ziyanemba njalo.

Izici ezilihlukanisayo.

Ngokuvamile iziprofetho zeBhayibheli zisho okuthile ngokuqondile futhi ngisho nemininingwane yazo emincane iye yagcwaliseka. Ngokuvamile zihilela izinto ezibaluleke kakhulu futhi zibikezela okuphambene nalokho abantu ababephila ngesikhathi zilotshwa ababekulindele.

Isibonelo esivelele.

IBhabhiloni lasendulo, elalakhiwe endaweni enhle livundle uMfula i-Ewufrathe, liye labizwa ngokuthi “isikhungo saseMpumalanga yasendulo sezombangazwe, ezenkolo nezamasiko.” Cishe ngo-732 B.C.E., umprofethi u-Isaya waloba isiprofetho esasibikezela isenzakalo esibi—iBhabhiloni lalizokuwa. U-Isaya wabala izinto ezithile ngokukhethekile: Umholi okuthiwa “uKoresi” wayezonqoba, amanzi ayisivikelo e-Ewufrathe ‘ayeyokoma,’ futhi amasango omuzi ‘ayengeke avalwe.’ (Isaya 44:27–45:3) Eminyakeni engaba ngu-200 kamuva, ngo-October 5, 539 B.C.E., lesi siprofetho sagcwaliseka ngokwemininingwane yaso. Isazi-mlando esingumGreki uHerodotus (wekhulu lesihlanu B.C.E.) waqinisekisa indlela elawa ngayo iBhabhiloni.b

Imininingwane ebonisa isibindi.

U-Isaya wakhipha esinye isibikezelo esishaqisayo ngeBhabhiloni: “Ngeke liphinde lakhiwe.” (Isaya 13:19, 20) Ukubikezela ukuchithwa ngokuphelele komuzi ochumayo owawakhiwe endaweni enhle kwakudinga isibindi ngempela. Ubungalindela ukuthi umuzi onjalo ngokuvamile uphinde wakhiwe. Nakuba iBhabhiloni laqhubeka likhona isikhathi esithile ngemva kokunqotshwa kwalo, amazwi ka-Isaya agcina egcwalisekile. Umagazini i-Smithsonian ubika ukuthi namuhla indawo elalakhiwe kuyo iBhabhiloni lasendulo “iyithafa, iyashisa, akuhlali muntu kuyo futhi igcwele izintuli.”

Kuyathakazelisa kakhulu ukucabanga ngokubaluleka kwesiprofetho sika-Isaya. Lokho akubikezela kungafana nokubikezela indlela eqondile idolobha lanamuhla, elinjengeNew York noma iLondon, eliyobhujiswa ngayo eminyakeni engu-200 kusukela manje bese usho ngokungagwegwesi ukuthi ngeke liphinde lakhiwe. Kodwa okuphawuleka nakakhulu ukuthi isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka!c

IBhayibheli labikezela ngokunembile ukuthi umholi okuthiwa uKoresi wayeyonqoba iBhabhiloni elinamandla

Kulezi zihloko eziwuchungechunge, siye sacabangela obunye bobufakazi obuye baqinisekisa izigidi zabantu ukuthi iBhayibheli linokwethenjelwa. Ngenxa yalokho, babheka kulo njengesiqondiso esinokwethenjelwa abaqondisa ngaso izinyathelo zabo. Kungani ungafundi okwengeziwe ngeBhayibheli ukuze uzinqumele ukuthi ungalethemba yini noma cha?

a Ukubikezela izulu kuwukuqagela. Iziprofetho zeBhayibheli ziphefumulelwe uNkulunkulu, ongaqondisa izenzakalo uma ekhetha ukwenza kanjalo.

b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngokugcwaliseka kwesiprofetho sika-Isaya, bheka amakhasi 27-29 encwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

c Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe zeziprofetho zeBhayibheli namaqiniso angokomlando afakazela ukugcwaliseka kwazo, bheka amakhasi 117-33 encwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela