“Ukube Nje Wonk’ Umuntu Ubengayifunda!”
Lo mlobi wayekhuluma ngencwadi ethi Sondela KuJehova. Wanezela, “Njengoba sengiluqonda kahle uthando lukaJehova, ngizolubonisa nakwabanye abengeziwe.” Omunye umfundi onokwazisa wachaza: “Ngiswele amazwi okuchaza indlela engiyijabulele ngayo le ncwadi nendlela engizuzise ngayo. . . . Lapho ngiqhubeka ngiyifunda, ngangiqhubeka ngikhuthazeka.”
Ezingxenyeni zayo ezine eziyinhloko, le ncwadi ethi Sondela KuJehova idingida izimfanelo eziyinhloko zikaNkulunkulu, amandla, ubulungisa, ukuhlakanipha nothando. Umfundi othile wachaza: “Le ncwadi ingisize ukuba ngibone izimfanelo ezinhle zikaBaba wasezulwini. Ingisize ukuba ngibone ukuthi ngingakwazi ukuzisebenzisa izimfanelo zakhe uma ngivumela umoya wakhe ongcwele ukuba usebenze ekuphileni kwami.”
Ngemva kokufunda isahluko 26, esithi “UNkulunkulu ‘Okulungele Ukuthethelela,’” uJoanna, owesifazane osemusha wasePoland, wathi, “Amaphuzu akule ncwadi ngiwabheka njengengcebo eyigugu futhi ukuyithola kuye kwangisiza ekuphileni kwami.”
Sikholelwa ukuthi nawe uyothola usizo olukhulu nenduduzo kule ncwadi enamakhasi angu-320. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.