‘Igalelo Elibalulekile Kuyisayensi Yezokwelapha’
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO
OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngokukhetha izindlela zokwelapha ezingalisebenzisi igazi lapho begula. Abanye abantu bayasigxeka lesi sinqumo esisekelwe eBhayibhelini. Kodwa njengoba kwalotshwa ephephandabeni laseMexico City elithengwa kakhulu, i-Reforma, uDkt. Ángel Herrera, udokotela omkhulu ohlinzayo e-National Institute of Oncology, wathi: “OFakazi abazona iziwula. Futhi ababona abashisekeli benkolo abangenangqondo. . . . Babe negalelo elibalulekile kuyisayensi yezokwelapha ngokwenza ochwepheshe bezokwelapha bacabangele isidingo sokonga igazi.”
Eminyakeni engu-15 edlule, uDkt. Herrera wahlela ukuba iqembu lodokotela ababulala izinzwa nabahlinzayo bahlinze iziguli ngaphandle kokusebenzisa igazi. UDkt. Isidro Martínez, ongudokotela obulala izinzwa kulelo qembu, wathi: “Ukusebenzisa inqubo efanele yokubulala izinzwa kuvumela ukuba kwenziwe zonke izinqubo zokonga igazi. Ngakho singabasiza ngempela oFakazi BakaJehova, sihloniphe isinqumo sabo esingokwenkolo.”
Ngo-October 2006, i-Reforma yabika ukuthi kunezinye izindlela ezingaphezu kwezingu-30 zokwelapha ngaphandle kokumpompela igazi. Zihlanganisa ukushisa imithambo yegazi, ukubhandisha ngebhandeshi elikhethekile elinamakhemikhali anqanda ukopha nokusebenzisa izinto ezandisa umthamo wegazi.a
UDkt. Moisés Calderón, ophethe odokotela abahlinza inhliziyo eLa Raza General Hospital eMexico City, uvame ukuhlinza iziguli ngaphandle kokusebenzisa igazi. Wathi kuyi-Reforma: “Ukumpontshelwa akuyona inqubo engenangozi. Kunengozi yokudlulisela amagciwane. Futhi, umzimba womuntu ungase uxabane nezinto ezithile ezishintsha ukusebenza kwezinso nokwamaphaphu.” Ngenxa yalezo zingozi, uDkt. Calderón wathi: “Sihlinza zonke iziguli njengokungathi zingoFakazi BakaJehova. Sizama ukunciphisa ukopha ngangokusemandleni, sibuyisele igazi eliphumile futhi sisebenzisa imithi esiza iziguli ukuba zingophi kakhulu.”
Leli phephandaba lacaphuna izEnzo 15:28, 29, umbhalo oyinhloko oFakazi BakaJehova abasekela kuwo isinqumo sabo. Kulo mbhalo abaphostoli bakhipha umyalo olandelayo: “Umoya ongcwele nathi ngokwethu sikubone kukuhle ukunganezeli omunye umthwalo osindayo kini, ngaphandle kwalezi zinto ezidingekile, ukuba niqhubeke nideda ezintweni ezihlatshelwe izithombe nasegazini nasezintweni eziklinyiwe nasebufebeni.”
I-Hospital Information Desk ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico ibika ukuthi kulelo zwe kunamaKomiti Okubonisana Nezibhedlela angu-75, anamavolontiya angu-950 ahambela odokotela ukuze abanike ukwaziswa ngezinye izindlela zokwelapha ezingalisebenzisi igazi. Odokotela abangaba ngu-2 000 eMexico bazimisele ukwelapha oFakazi BakaJehova ngaphandle kokusebenzisa igazi. OFakazi bayabazisa ngempela lab’ odokotela ababambisana nabo, abaye bakuhlomela kangcono futhi ukusiza iziguli ezingebona oFakazi.
[Umbhalo waphansi]
a I-Phaphama! Ayikho indlela yokwelapha ngaphandle kwegazi eyitusayo, iqaphela ukuthi lokhu kuyisinqumo somuntu siqu.
[Isithombe ekhasini 30]
UDkt. Ángel Herrera
[Isithombe ekhasini 30]
UDkt. Isidro Martínez
[Isithombe ekhasini 30]
UDkt. Moisés Calderón