Izwi “Lomuzi Waphakade”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ITALY
Ukubona nokuzwa umsindo wemithombo eminingi yaseRoma kwashukumisela umqambi wezingoma ongumNtaliyane u-Ottorino Respighi ukuba abhale ingoma enesihloko esithi “Imithombo YaseRoma.” Ake sivakashele esinye sezibonelo ezinhle kakhulu—uMthombo WaseTrevi.
Njengoba sehla ngomgwaqo owumngcingo oholela kulo mthombo, futhi sifika ejikeni, esikubonayo kuyakhexisa. Umthombo omkhulu ongamamitha angu-20 ububanzi nangu-26 ukuphakama owengame isigcawu esincane. Yeka isakhiwo esihlaba umxhwele esakhiwe endaweni encane kangaka!
UPapa Clement XII wayala ukuba kwakhiwe uMthombo WaseTrevi, owaklanywa umklami wezakhiwo ongumNtaliyane uNiccolò Salvi. Ukwakhiwa kwawo kwaqala ngo-1732 futhi kwaphela ngo-1762. Lo mthombo uthelelwa umsele wangekhulu lokuqala B.C.E. i-Aqua Virgo, oqala ebangeni elingamakhilomitha angu-13 kusuka edolobheni.
Umklamo walo mthombo owakhiwe phambi kwesigodlo ususelwe olwandle. Umlingiswa wasenganekwaneni u-Oceanus (noma uNeptune, ngokusho kwabanye) umi ngokuzazisa enqoleni yakhe emise okwegobolondo, elawula impophoma egeleza ngaphansi kwakhe. Njengoba amanzi egeleza ezungeza ezinye izithombe futhi eshayeka emadwaleni angaphansi, kuzwakala sengathi amagagasi ashaya ugu. Leli chitshana lithatha ingxenye enkulu yesigcawu, okwenza kubonakale sengathi sonke lesi sigcawu siyingxenye yalo mthombo.
Nsuku zonke amakhulu ezivakashi athuthelekela kulesi sigcawu esincane aphonse izinhlamvu zemali kule ndawo, engenye yezithandwa kakhulu izivakashi eRoma. Kanye ngesonto kukhishwa wonke amanzi kulo mthombo. Imali eshiywa yizivakashi, elinganiselwa ku-R78 000, ibe isiqoqwa inikelwe enhlanganweni yezosizo engokwenkolo.
Uma, njengoba uRespighi ayekholelwa, imithombo icula ngephimbo labantu basedolobheni, khona-ke uMthombo WaseTrevi ungumzwilili oyingqayizivele—uvelele phakathi kwemithombo eminingi ethandwa yizivakashi eziza eRoma, okuthiwa Umuzi Waphakade.