“Yilokho Kanye Esasikudinga!”
Yilokho umama othile e-Italy akusho ebabaza ngemva kokuthola incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Wathi: “Ngahluleka ukubamba izinyembezi.” Maqondana nendodakazi yakhe, wanezela: “Ayikakwazi ukufunda, kodwa ngosizo lwezithombe, iyawakhumbula amaphuzu ayinhloko. Indodakazi yami iyalalelisisa ngoba le ncwadi ibhalwe ngokungathi ixoxa nomfundi, futhi ivame ukuhlanganyela engxoxweni. Asikho isipho esidlula lesi ebesingasithola.”
Ubaba othile e-Italy wachaza ukuthi yena nomkakhe babezibuza ukuthi bazoyichazela kanjani indodana yabo encane ngezindaba zocansi. Bathi: “Lapho kukhululwa le ncwadi entsha, saba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayekubonile ukukhathazeka kwethu. Ngemva kokuyihlolisisa, saxoxa ngendlela le ncwadi eyokhuthaza ngayo indodana yethu ukuba izindle futhi icabange ngendlela ehluzekile.”
Othile osemusha eJapane, owanukubezwa esemncane, wabhala ebonga le ncwadi: “Ngakhala kakhulu, ngibonga uJehova ngingaphezi. Le ncwadi ikhuluma ngokungagwegwesi nangokunembile ngezinto izingane ezingase zibhekane nazo kule nkathi embi. Imibuzo iyikhuthaza ngomusa ingane ukuba ikhulume. Yeka ukuthi isahluko 32 siyilungiselelo elihle kangakanani lokuvikela izingane kubantu abadala abakhohlakele! Ukuphila kwami kwakuyohluka kakhulu ukube ngathola leli thuluzi elingagwegwesi futhi elifundisayo eminyakeni engu-20 edlule.”
Ungazicelela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-256, futhi enemifanekiso emihle, enamakhasi alingana nawalo magazini ngobukhulu. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.