Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/07 k. 28
  • Kungani Ngiquleka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngiquleka?
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Igazi—Libalulekile Ekuphileni
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Igazi
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 4/07 k. 28

Kungani Ngiquleka?

Udokotela wayefuna ukuhlola umfutho woketshezi olusesweni lami, okuyinqubo efuna ukuba athinte inhlamvu yeso ngethuluzi elithile. Ngangazi ukuthi kuzokwenzekani. Kuhlale kwenzeka. Kwenzeka okufanayo nalapho umhlengikazi esebenzisa umjovo ukuze adonse igazi. Ngezinye izikhathi ukukhuluma nje ngezingozi kuba nomphumela ofanayo—ngiyaquleka.

Ngokombiko waseBrithani, amaphesenti angaba mathathu ethu avame ukuquleka ezimweni ezinjengalesi okukhulunywe ngaso ekuqaleni kwale ndaba. Uma unenkinga efana neyami, mhlawumbe usuke wazama ukuyinqanda kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kungenzeka uke wazama ukuya endlini yangasese ukuze ugweme ukuquleka phambi kwabantu. Kodwa lelo akulona isu elihle. Ungavele uquleke usesendleleni bese ulimala. Ngemva kokubhekana nalesi simo izikhathi eziningana, nganquma ukuthola ukuthi sibangelwa yini.

Ngemva kokuxoxa nodokotela owusizo nokuhlola izincwadi ezimbalwa, ngathola ukuthi lesi sifo sokuquleka sibizwa ngokuthi i-vasovagal reaction.a Kucatshangwa ukuthi sibangelwa ukungasebenzi kahle kwesimiso somzimba esiqondisa ukujikeleza kwegazi, njengalapho usukuma kade uhlezi phansi.

Ezimweni ezithile, ezingase zihlanganise ukubona igazi noma lapho uhlolwa amehlo, isimiso sakho sezinzwa sivele sisebenze njengokungathi ulele phansi, kuyilapho empeleni uhlezi noma umile. Ekuqaleni, inhliziyo yakho ishaya ngamandla ngenxa yokwesaba. Ngemva kwalokho ishayela phansi kakhulu futhi imithambo yegazi esemilenzeni yakho iyanwebeka, noma ivuleke kakhudlwana. Ngenxa yalokho, liba liningi igazi eliya emilenzeni bese lincipha eliya ekhanda. Ubuchopho bakho buntula umoya-mpilo bese uyaquleka. Ungakuvimbela kanjani lokhu ukuba kwenzeke?

Ungase ubheke eceleni lapho kudonswa igazi lakho, noma ulale phansi phakathi naleyo nqubo. Njengoba sekushiwo, lapho nje usuzoquleka, ngokuvamile ungase uphawule izimpawu ezithile eziyisixwayiso. Ngakho ngokuvamile kuba nesikhathi esanele sokuthatha isinyathelo ngaphambi kokuba uquleke. Odokotela abaningi batusa ukuba ulale phansi bese uphakamisa imilenze uyibeke esihlalweni noma uyincikise odongeni. Lokhu kuvimbela igazi ukuba lingehleli emilenzeni, futhi ngaleyo ndlela ungase uvimbele ukuquleka. Emizuzwini embalwa nje, ungase uzizwe usungcono.

Uma le ndaba ikusiza njengami, uyokwazi ukubona izimpawu ngaphambi kokuba uquleke. Khona-ke ungakwazi ukuthatha izinyathelo ngokushesha futhi uvimbele ukuquleka ngaphambi kokuba kwenzeke.—Inikelwe.

[Umbhalo waphansi]

a Elithi “vasovagal” libhekisela emphumeleni wokusebenza ngokweqile kwenzwa okuthiwa i-vagus nerve emithanjeni yegazi. Igama lesiLatini elithi vagus lisho “ukuzulazula.”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]

Kungase kukusize ukulala phansi lapho uhlolwa abezokwelapha

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela