I-water Bear—Isinambuzane Esingafi Kalula
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJAPANE
◼ UMA ungase ufune cishe kuzo zonke izindawo ezinamanzi emhlabeni wonke—oleleni, eqhweni, ngasemifuleni, eziphethwini ezishisayo, emachibini, olwandle, mhlawumbe ngisho nasegcekeni lakho—ungase uzithele kuyi-water bear, esinye sezinambuzane ezingafi kalula endalweni yonke. Njengoba incane kakhulu kangangokuba icishe ingabonakali, i-water bear inomzimba omncane ohlukaniseke kane owembozwe ulwabulo oluyisivikelo, futhi inemilenze engu-8, ngamunye onezinzipho. Ukuma nokuhamba kwayo kufana nokwebhere elidlwathuzelayo, yingakho ibizwa ngaleli gama.
Ama-water bear angama-tardigrade, okusho ukuthi “ahamba kancane.” Kunamakhulu ezinhlobo ezaziwayo, futhi awezinsikazi azalela iqanda elilodwa kuya kwangu-30 ngesikhathi. Kungase kutholakale amashumi ezinkulungwane alezi zilwanyana emhlabathini omanzi ongagcwala nje isandla. Indawo enhle kakhulu ongase uzithole kuyo isoleleni olumila phezu kwendlu.
Ama-water bear angaphila ezindaweni ezibucayi. I-Encyclopædia Britannica, ithi: “Ama-water bear ayefakwe endaweni engenawo umoya izinsuku ezingu-8, akhishwa afakwa egesini i-helium izinsuku ezintathu endaweni enezinga lokushisa elivamile lasendlini, ngemva kwalokho afakwa emakhazeni angu-272°C ngaphansi kwezinga-qhwa (-458°F), aphinde aphila futhi lapho esebuyiselwa ezingeni elivamile lokushisa lasendlini.” Awafi ngisho noma engachayeka kaningi kangakanani emazingeni ahlukahlukene emisebe ye-X ray engabulala umuntu. Kucatshangwa nokuthi angakwazi ukuphila ngisho nasemkhathini ongenawo umoya isikhathi esithile!
Imfihlo yawo ukuthi ayakwazi ukuzenza sengathi afile, okunciphisa indlela umzimba ogaya ngayo ukudla ibe ngaphansi kwamaphesenti angu-0,01 kunokuvamile—cishe angabonakali nhlobo ukuthi agaya ukudla! Ukuze abe kulesi simo, afaka imilenze yawo ngaphakathi emizimbeni, akhiqize ushukela okhethekile othatha indawo yamanzi alahlekile, abese ezigoqa abe yibhola elincane elimbozwe yingcina elibizwa ngokuthi i-tun. Uma sekuqala ukuba nomswakama, abuyela esimweni sawo ngemizuzwana nje noma amahora ambalwa. Kwesinye isenzakalo, ama-water bear ayeseqede iminyaka eyikhulu esesimweni sokufa aphinde avuswa ngokuphumelelayo!
Yebo, ngendlela yazo ethule kodwa emangalisayo, lezi “zinto ezinwabuzelayo” ezincane ziyamdumisa uJehova.—IHubo 148:10, 13.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]
© Diane Nelson/Visuals Unlimited