Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 32
  • Isipho Esaziswa Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isipho Esaziswa Kakhulu
  • I-Phaphama!—2006
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 32

Isipho Esaziswa Kakhulu

Ophayo nalowo ophiwayo bayajabula uma isipho sigcwalisa isidingo futhi saziswa ngempela. Muva nje isisebenzi sikahulumeni esisesikhundleni esiphezulu eMexico sabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova incwadi ukuze sibonge ngokuthola ikhophi yencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ingxenye yencwadi yaso ithi:

“Okuqukethwe yile ncwadi kubaluleke ngempela. Ngiyaqaphela ukuthi nakuba kusekelwe encwadini yasendulo, kuhambisana nesikhathi futhi kuyasebenza ekuphileni kwethu kwansuku zonke.

“Ngiyaqiniseka ukuthi thina bazali kufanele sigxilise ezinganeni zethu izindinganiso eziyozisiza ukuba ziqonde indlela okumelwe zenze ngayo izinto futhi lokho kuzenza zibe abantu abanekhono, inhlonipho nokwethembeka kuleli zwe elizintulayo lezi zinto. Ngaphezu kwakho konke, kufanele sizisize ziqaphele ukuthi kukhona uMuntu Omkhulu onothando nomusa. Ngikholweni uma ngithi le ncwadi eningithumelele yona izokuba usizo olukhulu kakhulu emsebenzini wami wokuziphilisa nakulowo uMdali wethu awunike abazali wokusiza izingane zabo ezincane ukuze zikhule zingabantu abathanda omakhelwane.”

Lesi sisebenzi sikahulumeni sakubona ukubaluleka kwezifundo ezisezimfundisweni nasesibonelweni sikaJesu Kristu esitholakala kule ncwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Nawe ungathola ikhophi yale ncwadi enemifanekiso emihle enamakhasi angu-256 alingana nawalo magazini. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela