“Izikhathi Zokudla Zisenza Sisondelane”
INGABE umkhaya wakho ujabulela ukudla ndawonye okungenani kanye ngosuku? Kuyadabukisa ukuthi ezweni lanamuhla eliphithizelayo, sekudliwa kugijinywa, ukudla sekuyindaba kamazibonele emikhayeni eminingi. Noma kunjalo, ngaphandle kokugcwalisa isidingo esingokwenyama, ukujabulela ukudla ndawonye njengomkhaya kunganelisa ngisho nezidingo ezibaluleke kakhulu—ukuxoxisana ngothando nobuhlobo obuseduze njengomkhaya.
U-Algirdas nomkakhe, uRima, namadodakazi abo amathathu bahlala ezweni laseLithuania enyakatho yeYurophu. U-Algirdas uthi: “Nakuba ngisebenza futhi amantombazane efunda isikole, siye sihlele isimiso sethu ngendlela yokuba sikwazi ukujabulela ukudla kwakusihlwa ndawonye. Phakathi nezikhathi zokudla sonke sizizwa sikhululekile ukuxoxa ngezenzakalo zosuku, izinkinga zethu, izinto esizicabangayo, esizihlelayo, esizithandayo nesingazithandi. Lesi sikhathi sibuye sisisebenzisele izingxoxo ezingokomoya. Angingabazi nakungabaza ukuthi izikhathi zokudla zisenza sisondelane.”
URima uyenezela: “Ukulungiselela ukudla ndawonye namantombazane kusinika namathuba okuxoxa ngokukhululekile ngezinto eziyimfihlo. Amantombazane ayakujabulela ukwenza izinto ndawonye ekhishini, kuyilapho ngesikhathi esifanayo, efunda amakhono awusizo. Ngaleyo ndlela, siyakwazi ukuhlanganisa umsebenzi nenjabulo.”
U-Algirdas, uRima nezingane zabo bathola izinzuzo eziningi ngenxa yokuthi bazinika isikhathi sokudla ndawonye. Uma njengamanje ningadli ndawonye njengomkhaya, kunganjani nihlele ukwenza kanjalo okungenani kanye ngosuku, ngisho noma ungumzali ongayedwa. Izinzuzo ziyoba ngalé kwezinto okumelwe nizidele.