UNkulunkulu Uyakhathalela Ngempela!
INDLELA uNkulunkulu asingatha ngayo ukuhlubuka okwaqala e-Edene ibonisa uthando olujulile analo ngathi njengomuntu ngamunye nokuthi uyalikhathalela ikusasa lethu. Siza ucabangele lobu bufakazi obulandelayo bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela, futhi ufunde imibhalo ekhonjiwe kwelakho iBhayibheli.
❖ Ulungiselele umhlaba, ogcwele ubuhle bemvelo, izilwane ezithakazelisayo nezwe elikhiqizayo.—IzEnzo 14:17; Roma 1:20.
❖ Usiphe umzimba omangalisayo osisiza ukuba sijabulele izinto zansuku zonke, njengokunambitha ukudla okwehl’ esiphundu, ukubona ukushona kwelanga, ukuzwa uhleko lomntwana nokuzwa othandekayo ekuthinta ngendlela enothando.—IHubo 139:14.
❖ Usinikeza isiqondiso esihlakaniphile esisisiza ukuba sibhekane nezinkinga kanye nezingcindezi.—IHubo 19:7, 8; 119:105; Isaya 48:17, 18.
❖ Usinika ithemba elimangalisayo, kuhlanganise nelokuphila epharadesi emhlabeni nokubona ukuvuswa kwabathandekayo bethu abafileyo.—Luka 23:43; Johane 5:28, 29.
❖ Wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izosifela ukuze sibe nethemba lokuphila phakade.—Johane 3:16.
❖ Umise uMbuso KaMesiya ezulwini wasinika nobufakazi obuningi bokuthi maduzane lo Mbuso uzobusa wonke umhlaba ngokuphelele.—Isaya 9:6, 7; Mathewu 24:3, 4, 7; IsAmbulo 11:15; 12:10.
❖ Usikhuthaza ukuba sisondele kuye ngomthandazo, sithulule izinhliziyo zethu kuye, futhi lapho senza kanjalo uyalalela ngempela.—IHubo 62:8; 1 Johane 5:14, 15.
❖ Uqinisekisa abantu ngokuphindaphindiwe ukuthi ubathanda ngokujulile futhi uyabakhathalela.—1 Johane 4:9, 10, 19.