“Iyamangalisa!”
“Kuyajabulisa ukuyifunda, imifanekiso yayo isebenza ngempela, isithasiselo sayo sokwaziswa okwengeziwe siyasiza kakhulu, futhi le ncwadi iyithinta ngempela inhliziyo yomuntu. Iyamangalisa!”—UJohn noPaula.
“Yeka ukuthi imangalisa kanjani indlela ecace futhi elula ngayo incwadi ethi Lifundisani Ngempela iBhayibheli? Ngokuqinisekile izokhuthaza abafundi abasha beBhayibheli ukuba balahle zonke izinto ezibavimbela ukuba bathuthukele ekukhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo. Mhlawumbe niyabona ukuthi le ncwadi ingihlabe umxhwele ngendlela engenakuchazwa.”—UJoe.
“Nikuveze kahle lokho abantu abakucabangayo ngempela, nalokho abakhathazeka ngakho ngempe-la. Futhi niye nanikeza zonke izimpendulo ezivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.”—URobert.
“Inhle ngempela futhi imisho yayo ibhalwe ngendlela eqondakala kalula futhi ichazwe ngendlela ecacile. Ngokuqinisekile izofinyelela izinhliziyo zabantu abaningi.”—UNorma.
Incwadi ethi Lifundisani Ngempela iBhayibheli?—enemifanekiso enembala egqamile namakhasi angu-224—isiyatholakala uma umuntu eyicela ngezilimi ezingaphezu kuka-140. Ungazicelela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
Zicelele ikhophi yakho!
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele incwadi ethi Lifundisani Ngempela iBhayibheli?
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.