Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 32
  • Ingaba Khona Yini Injabulo Yomkhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingaba Khona Yini Injabulo Yomkhaya?
  • I-Phaphama!—2006
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 32

Ingaba Khona Yini Injabulo Yomkhaya?

Ngonyaka odlule umama osemusha wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseMexico ecela usizo lokufinyelela injabulo yomkhaya. Wachaza ukuthi wayekujabulele ukufunda i-Phaphama! wabe esethi:

“Ngineminyaka emithathu ngishadile, futhi ngingathanda ukuthola izeluleko nokusikisela mayelana nokwakha umkhaya omuhle. Mina nomyeni wami sathola umfana omuhle eminyakeni emibili edlule, futhi ngingathanda ukumkhulisa ngendlela ephumelelayo.”

Lo mama wayezwile ngencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya futhi wabhala eyicela. Izinkulungwane zabanye ziye zakwenza lokhu. Ngemva kokuyifunda abaningi babika ukuthi iye yabasiza kangakanani. Phakathi kwezinye izahluko ezifundisayo kunezithi “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana,” “Vikela Umkhaya Wakho Emathonyeni Onakalisayo,” kanye nesithi “Gcina Umkhaya Wakho Unokuthula.”

Ungacela ikhophi yencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela