“Ngiyehluleka Ukuyibeka Phansi”
◼ Ngonyaka odlule emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kwakhululwa incwadi entsha enamakhasi angu-224 enemibala egqamile ehlelelwe ukufundisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Isihloko sayo sithi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Omunye umfundi wabhala: “Ngiyehluleka ukuyibeka phansi. emakhasini ayo ambalwa nje, le ncwadi iye yahlanganisa izindlela ezinhle kakhulu zokufundisa zazo zonke izincwadi ezifundisayo engake ngazibona.”
Omunye umfundi wathi: “Ikhasi nekhasi likwenza ufune ukuqhubeka ufunda. Ngithanda nendlela isiphetho sesahluko ngasinye esikutshela ngayo ukuthi yini okuzokhulunywa ngayo esahlukweni esilandelayo. Kunezingxenye eziningi ezangihlengezelisa izinyembezi. Ngingabhala incwadi ngilandisa ngokuningi engikuthandayo ngale ncwadi!”
Omunye umuntu onokwazisa wabhala: “Ngokuqinisekile, le ncwadi iyigugu elingenakuqhathaniswa ngomqondo ongokomoya, izoba yithuluzi elihle kakhulu eliyoba usizo ekufundiseni abafundi abasha.”
Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? isiyatholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-140. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.