Usizo Lokuvikela Izingane Zethu
Ngonyaka odlule owesifazane othile eVirginia, e-U.S.A., wabhala ebonga ngencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, ethi: “Ngaphambi kokuba abazukulu bami bayolala, baye bathi: ‘Gogo, sifundele indaba encwadini kaJesu.’ Baneminyaka emine, eyisithupha, omunye engu-7, futhi bayazijabulela kakhulu izindaba ezikuyo.”
Lo gogo wachaza: “Ngafunda isahluko 32 esithi ‘Indlela UJesu Avikelwa Ngayo.’ Ngahlatshwa umxhwele ngoba ngemva kokuchaza indlela uJehova amvikela ngayo uJesu, lesi sifundo sisiza abancane ukuba bazivikele ngokubanika amacebiso asebenzayo. Sithi: ‘Uma kukhona ozama ukudlala ngazo, memeza kakhulu uthi: “Ngiyeke! Ngizokuceba!”’”
EMexico umama wentombazanyana eneminyaka eyisihlanu okuthiwa uBetsaida wathi sebeyifunda okwesibili incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu nendodakazi yakhe. Lo mama wathi: “Leli zwe liya liwohloka, futhi izingane zethu zibhekana nokucindezelwa okukhulu. Indodakazi yami ithi iyazijabulela iziqondiso zokuzivikela emathonyeni angafanele, njengalawo okukhulunywa ngawo esahlukweni 32.”
Incwadi enamakhasi angu-256 alingana nawalo magazini futhi enezithombe ezinhle ethi Funda KuMfundisi Omkhulu iye yabasiza kakhulu abazali ukuba balandele isiqondiso seBhayibheli esithi baqeqeshe izingane zabo. (IzAga 22:6) Izifundo ezikuyo, ezisekelwe ezimfundisweni zikaJesu Kristu, zilandiswa ngolimi olulula; kodwa ezikuqukethe kufanela abantu babo bonke ubudala. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.