Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/06 k. 32
  • “Iyamangalisa Ngempela!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Iyamangalisa Ngempela!”
  • I-Phaphama!—2006
I-Phaphama!—2006
g 2/06 k. 32

“Iyamangalisa Ngempela!”

◼ EBrazil uthisha wesayensi yokuma komhlaba wakhangwa yindlela emangalisayo yokufundisa kwe-Phaphama! Wabhala: “Lo magazini unginikeza ukwaziswa okuningi engingafundisa ngako kunezinye izincwadi ezihlelelwe umkhakha wezemfundo. Nakuba inkolo yami ihlukile, ngivumelana ngokugcwele nezindinganiso zokuziphatha ezitholakala kuyi-Phaphama!”

Nokho, lo thisha wathola ukuthi i-Phaphama! imane nje ingenye yeziningi zezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Wabhala: “Omunye umfundi ebangeni lesine wangiboleka incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle.’ Yangimangaza imininingwane equkethwe yile ncwadi. Iyamangalisa ngempela! Ukukwazi ukubona izenzakalo zeBhayibheli ngeso lengqondo nokubona lapho zenzeka khona kwenza isifundo seBhayibheli sikhanye ngokwengeziwe, ikakhulukazi ezinganeni.”

Wanezela: “Izincwadi zenu zikuyo yonke indawo: ebhasini, kubafundi, ngisho nasemgqeni wabantu abasebhange. Ngiyajabula ukuthi zifinyelela nemiphakathi empofu lapho kunzima khona ukuba abantu bathole ulwazi oluhle. Siyanihalalisela ngomsebenzi wenu omuhle.”

Incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ itholakala ngezilimi ezingaba ngu-80. Igcwele amabalazwe nezithombe ezinemibala egqamile ezibonisa izindawo ezihlukahlukene zezwe ngezikhathi zeBhayibheli, ikakhulukazi iZwe Lesithembiso phakathi nezikhathi ezihlukahlukene. Ungazicelela ikhophi yale ncwajana enamakhasi angu-36 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle.’

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Brochure covers: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela