Lapho Kufa Umntwana
◼ Ukufa komntwana kushiya abakubo beshaqekile futhi belusizi, ikakhulu abazali. Omunye umama ondodana yakhe eneminyaka engu-16 yasha yaze yafa engozini eshaqisayo wakhala: “UNkulunkulu akasivumeli ukuba kube yithina bazali esifayo kunokuba kufe abantwana bethu, engasivumeli nanokuba sife kanye nabo.”
Nokho, lokhu akusho ukuthi wayengenalo ithemba, njengoba achaza: “UNkulunkulu uye wasitshela iqiniso ngokufa, futhi lokhu kuyasisiza mina nomyeni wami ukuba singaqhathi umunyu noma sisangane.” Wavuma ukuthi “akuyena uNkulunkulu wethu owenze lokhu endodaneni yethu, ngoba uye wenza ilungiselelo lokuvusela abafileyo epharadesi emhlabeni. Ngamehlo ethu engqondo, siyayibona indodana yethu iphila, iyingqabavu futhi ijabula, iphila nabangane kanye nomkhaya.”
Noma kunjalo, ngisho nalabo abanethemba esithembisweni sikaNkulunkulu sovuko bayayidinga induduzo, futhi lo mama wajabula kakhulu lapho abangane abaningi bemduduza. Wathi: “Iningi lezikhuthazo ezingokomBhalo esazithola lalithathwe encwajaneni ethi Lapho Ufelwa Othandekayo futhi yiyona le ncwajana eyashukumisela abantu ukuba basibonise umusa. Sakhuthaza bonke ababekanye nathi ukuba bayifunde ukuze basiqonde kangcono kuhlanganise nosizi esasizoqhubeka sibhekana nalo.”
Mhlawumbe wena noma othile omaziyo ungathola induduzo ngokufunda incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Ungazicelela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.