Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 11/8 k. 3
  • Izwe Elihlukaniswe Yingcebo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elihlukaniswe Yingcebo
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Izinguquko Ezinkulu Ngempela’
    I-Phaphama!—1999
  • Singabutholaphi Ubunye Kulelizwe Elihlukaniswe Izingxabano?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Kungani Bungekho Ubunye Emhlabeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Isikhathi Sokuchuma Kobani?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 11/8 k. 3

Izwe Elihlukaniswe Yingcebo

PHAKATHI nengxenye yesibili yekhulu lama-20, izwe lalingene shí eMpini Yomshoshaphansi, futhi lalihlukaniswe ngezigaba ezintathu zezombangazwe. Amazwe obuKhomanisi, ayeholwa ngokuyinhloko i-Union of Soviet Socialist Republics, kanye namazwe angewona awobuKhomanisi, eholwa phambili i-United States, ayebhekene ngeziqu zamehlo ehlukaniswe iKhethini Lensimbi elingabonakali. Amazwe ayengazibandakanyanga nalezi zinhlangothi ezimbili ayakha lokho okuthiwa amaZwe Angenampucuko.

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, inkulumo ethi “amaZwe Angenampucuko” yaqala ukubhekwa njengencazelo ejivazayo, futhi yathathelwa indawo inkulumo ethi “amazwe ampofu.” Ngokuhamba kwesikhathi, nayo le nkulumo yaqala ukunganambitheki kahle, okwenza izazi zezomnotho zaqala ukusebenzisa inkulumo ethi “amazwe asathuthuka.” Ngakho inkulumo esetshenziswayo ayibange isagcizelela ukungqubuzana kwezombangazwe kodwa yaqala ukuqokomisa ukungalingani komnotho wamazwe omhlaba.

Manje, ekhulwini lama-21, alisekho izwe elihlukaniswe ngezigaba ezintathu zezombangazwe ezichazwe ngenhla. Nokho, kwezomnotho nezezimboni, usekhona umahluko phakathi kwamazwe asethuthukile namazwe asathuthuka. Izivakashi ezivela emazweni acebile zixhumana nabantu abadla imbuya ngothi.

Ngakho-ke, lo mbuzo uyafaneleka: Ingabe izwe liyohlala lihlukene kwezomnotho, noma ingabe abacebile, abadla izambane likapondo kanye nabampofu, abadla imbuya ngothi, bayoke balingane bajabulele izinga elifanayo lokuphila?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

© Qilai Shen/Panos Pictures

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela