Ukweba Ezitolo—Kuwukuzijabulisa Okungenangozi Noma Ubugebengu Obungathí Sina?
AKE ube nombono walesi simo esilandelayo. Umnyango wesitolo esikhulu uyavuleka, bese kungena amantombazane amabili evile eminyakeni eyishumi nambili agqoke izingubo zikanokusho. Ehla ngephasishi aye engxenyeni yezimonyo. Unogada ogqoke inyufomu uyawalandela, abese ethi lapho eseqhelelene nawo ngamamitha ayishumi, ame athi mpó abelethe izandla. Uwabeka iso la mantombazane njengoba elokhu ebambabamba izinto zokugcoba umlomo nezokwelula izinkophe.
La mantombazane eba unogada ngamehlo, olokhu ewabeke iso. Amaphaphu awo aqala ukuphakama. Enye yala mantombazane iya ngalapho kubekwe khona upende wezinzipho bese ithatha amabhodlela ambalwa. Inyusa ikhala njengoba izishaya ongaqiniseki ukuthi imuphi umbala ewuthandayo kule mibala emibili ebomvu ethi ayifane. Ibeka ibhodlela elilodwa phansi bese ithatha elinye elinombala obomvu kakhulu.
Unogada ubheka phansi abese ephenduka ebheka kolunye uhlangothi. Njengokungathi atshelene, la mantombazane ashutheka izinto zokugcoba umlomo namabhodlela kapende wezinzipho ezikhwameni zawo. Ebusweni abukeka ezolile, kodwa ngaphakathi izinhliziyo zishaya ngamandla nakakhulu manje. Athi ukuzindazindela kuleyo ndawo yezimonyo imizuzu engemingaki, enye ilokhu ibukabuka izigudlo zezinzipho kuyilapho enye igxile ekubukeni izinto zokudweba amashiya.
Ayabukana, abese enqekuzisa amakhanda aqale ukuhamba eya ngaphambili esitolo. Unogada uyawaqhelela, abese emoyizela njengoba edlula. Aya ngalapho kubekwe khona izinto zomakhalekhukhwini afike azidlise satshanyana lapho ebuka izinto ezikhangiswe kuleyo ngxenye. Ahlebelana okuthile ngezikhwama zesikhumba zomakhalekhukhwini. Ngemva kwalokho aqonda ngqó ngasemnyango.
Igxathu ngalinye alithathayo, izinhliziyo zishaya ngamandla okwenza ukuba ashaywe uvalo nakakhulu kodwa futhi azizwe egcwala injabulo. Njengoba edlula emnyango, kuthi awamemeze kakhulu, kodwa ayazibamba. Lapho esephumile, uvalo sekuthi aluwaqede nya futhi aseze ajika aba bomvu klebhu ebusweni. Uvalo luyehla, bese kuthi damu. Ahamba ngamandla elokhu ensinsitheka. Kunye nje akucabangayo: ‘Siphumelele, asizange sibanjwe!’
Indaba yala mantombazane amabili iqanjiwe, kodwa okudabukisayo ukuthi isenzakalo esisichaze lapha siyinto eyenzeka ngokoqobo. Ezitolo zase-United States nje kuphela, kwebiwa izikhathi ezingaba isigidi usuku ngalunye, kodwa le nkinga yenzeka emhlabeni wonke. Njengoba sizobona, le nkinga ibangela ubuhlungu obukhulu. Kodwa akuthi diki kula masela ngalobu buhlungu abubangelayo. Ngisho nabantu abaningi abanemali yokukhokha bakhetha ukweba. Kungani?