Izimpendulo Ezisebenzayo Zemibuzo Obulokhu Uyibuza!
• Kungani abazali bami bengangiqondi?
• Kungani ubaba nomama bahlukana?
• Ngingazenzela kanjani abangane beqiniso?
• Kungani ngicindezeleka kangaka?
• Kungani izingane zingehlukani nami?
• Kuthiwani ngobulili ngaphambi komshado?
Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ayifani nezinye izincwadi ezibhalelwe intsha. Izihloko ekhuluma ngazo zakhethwa ngemva kokuxoxa nentsha eningi emhlabeni jikelele. Futhi izimpendulo zayo, ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ziyasebenza ngempela! Le mibuzo engenhla ingeminye yemibuzo ephendulwa yile ncwadi enamakhasi angu-320.
Uma ungathanda ukucela ikhophi, mane nje ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.