Izibukeli Ezichayeke Engozini
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFINLAND
EZINGANENI eziningi, amabhayisikobho, ithelevishini, ama-video, nama-DVD, imidlalo yama-computer kanye ne-Internet kuyizinto ezivamile ekuphileni. Umbiko wamuva okhishwé yi-Board of Film Classification yaseFinland uthi “ngokokunye ukusikisela, isikhathi esichithwa izingane zidlala ngama-computer noma zibukele ithelevishini siphindwe izikhathi ezingu-20 kuya kwezingu-30 kunesikhathi ezisichitha namalungu emikhaya yazo.”a Okudabukisayo ukuthi lokhu kuchaya izingane ezintweni ezilimazayo.
Kwamanye amazwe iziphathimandla zizama ukuvikela izingane ngokubeka imingcele ethile yobudala nemithetho yokuhlaziywa kwezinhlelo. Kodwa omunye umbiko uthi izingane nabazali abaziqondi ngaso sonke isikhathi izimpawu zalokhu kuhlaziya, noma ngokuvamile bathi azibalulekile kangako. Ngaphezu kwalokho, kwaziwa kabanzi ukuthi izikhungo eziningi zamabhayisikobho nezitolo eziqashisa ngama-video aziyishayi mkhuba le mingcele ebekiwe yobudala. Ngaphandle kwalokho, azihlaziywa nakuhlaziywa ezinye izinhlelo namabhayisikobho.
Omunye wothisha abahlolwa waphawula: “Kubonakala sengathi ngokuvamile abafundi abacabangi ukuthi lokho abakubukele kuwubudlova uma kungekho gazi eliphalalayo.” Imidlalo eminingi yama-video neyama-computer—ngisho nópopayi abenzelwe izingane ngokukhethekile—inezinto ezingaba yingozi.
Lo mbiko uthi umkhaya ngamunye yiwona “ngokuyinhloko onomthwalo wokunquma ukuthi yimaphi amabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini izingane ezingazibukela.” Lo mbiko uphetha ngombuzo oyinselele: “Thina njengabantu abadala sinaso yini isifiso namandla kanye nezindlela zokuvikela izingane emiphumeleni elimazayo yezinhlelo zethelevishini nemidlalo yama-computer?”
[Umbhalo waphansi]
a Umbiko othi “Imingcele Yobudala Ethinta Izinhlelo Ezibukwayo Nokuvikelwa Kwezingane” wawusekelwe ekuhloleni okwakuhilela izingane ezingu-340 ezisezikoleni zabaqalayo kanye nabazali nothisha bazo.