“Wonke Umuntu Kufanele Ayifunde Le Ncwadi”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPOLAND
Kusukela ngehlobo lika-2003, kwakhishwa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu ngezilimi eziningi emihlanganweni kuwo wonke umhlaba. Njengakwezinye izindawo, laliphawuleka isasasa ePoland ngokuthola le ncwadi enemifanekiso emihle kakhulu. Yize iklanyelwe izingane ezisencane ngokukhethekile, izincwadi ezivela kwabevé eshumini nambili nakwabadala zibonisé ukuthi le ncwadi ithandwa yibo bonke. Nazi izingcaphuno ezimbalwa.
“Igama lami ngingu-Agata, futhi ngineminyaka engu-8. Lapho ngithola le ncwadi, ngezwa masinyane ukuthi uJehova ungikhathalela kakhulu. Isahluko engisithanda kakhulu esesikhombisa, esithi ‘Ukulalela Kuvikela Wena.’ Zikhona izikhathi ebengingabalaleli ngazo abazali bami, kodwa manje ngiyazi ukuthi kudingeka ngishintshe ngoba uJehova uthanda abantwana abalalelayo.”
UMarlena, intombazane eneminyaka engu-13, uyabhala encoma: “Ngiyazi ukuthi le ncwadi yenzelwe izingane ezisencane, kodwa ngikholelwa ukuthi ikhanga wonke umuntu. Ukuyifunda kuqinisa ukholo lwami kuJehova nakuJesu. Ngisho nezinto ezilukhuni zichazwe ngendlela elula. Akuvumi ngiyibeke phansi. Angisayiphathi indaba yezithombe zayo! Imibuzo ehambisana nazo iyovusa ilukuluku lezingane ezisencane! Le ncwadi inhle kakhulu, ngakho ngiyifunda ngokucophelela. Ngiyanibonga kakhulu.”
UJustyna, intombazane eneminyaka engu-15, uchaza indlela ayithole ithakazelisa ngayo le ncwadi: “Izahluko engizifundile ziye zangikhanga kakhulu kangangokuthi ngifisa ukunibonga ngokusuka enhliziyweni ngalesi sipho esihle nesifundisayo. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu kufanele ayifunde le ncwadi—ngisho nabantu asebebadala. Izibonelo ezikuyo zilula futhi ngibona sengathi ziqondakala kahle, ngisho nasenganeni enonyaka izelwe. Izithombe zizikhulumela ngokwazo. Ngamafuphi, ngingathi akulula ukuveza ngamazwi indlela engizizwa ngayo lapho ngifunda le ncwadi.”
U-Eunika naye uzwakalisa ukubonga kwakhe ngale ncwadi. Yize eneminyaka engu-19, wayifunda ngomdlandla le ncwadi entsha futhi uthi wayithola “iwusizo entsheni.” Uqhubeka athi: “Iqukethe iseluleko esiwusizo sokuphila kwansuku zonke—ekhaya, esikoleni, nasebandleni. Nginibonga kakhulu ngalesi sipho.”
UMaria, umama ojabule ka-Oliwia ononyaka owodwa ubudala, ngemva kokuphawula indlela indodakazi yakhe esabela ngayo ezithombeni zayo ezinemibala, uthi: “Ngifisa ukunibonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngalolu sizo oluyingqayizivele ekufundiseni izingane. Umntwana wethu u-Oliwia akakwazi ukususa amehlo akhe kule ncwadi. Uyagona abese efuna ukuba simtshele okukulesi sahluko noma lesiya. Isithombe asithandé kakhulu esisekhasini 83, esibonisa amantombazane amabili anebala lesikhumba elingefani angana. Ezinye izithombe zibonakala zingokoqobo kakhulu kangangokuba uyazithinta, azigone futhi azimoyizelele.”
UMaria ugcizelela nokubaluleka kwale ncwadi ekufundiseni: “Idingida izindaba ezinkulu ngokuphathelene nobulili (amakhasi 58-60) nokuhlukunyezwa kwezingane (amakhasi 170-1). Iwusizo oluhle kubazali abafuna ukukhulisa izingane zabo ngokuhlakanipha kuleli zwe elibi lanamuhla lapho kunezingozi eziningi kangaka ezizicuthele.”
Abanyathelisi bencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu banethemba lokuthi iyokusiza nawe nezingane zakho ukuba nizuze ezimfundisweni ezanikezwa isintu cishe eminyakeni engu-2 000 edlule uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu.
[Isithombe ekhasini 15]
U-Agata
[Isithombe ekhasini 15]
UMarlena
[Isithombe ekhasini 15]
U-Eunika
[Isithombe ekhasini 15]
UJustyna
[Isithombe ekhasini 15]
UMaria no-Oliwia