Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 10/8 k. 32
  • Yilokho Kanye Intsha Ekudingayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yilokho Kanye Intsha Ekudingayo
  • I-Phaphama!—2004
I-Phaphama!—2004
g04 10/8 k. 32

Yilokho Kanye Intsha Ekudingayo

Sekuyiminyaka eminingi abafundi, abasha nabadala ngokufanayo, bethi incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo iqukethe lokho kanye intsha okudingeka ikwazi. Intombazane ethile engaba neminyaka engu-15 yaseSinaloa, eMexico, yacelela abangane bayo amakhophi ayishumi ale ncwadi. Yathi nakuba ingeyena omunye woFakazi BakaJehova, yayiyithanda ngempela le ncwadi, ichaza, “Nginethulela isigqoko.”

Yaphawula: “Nginabangane abaningi abanemibuzo eminingi ngokuphila kwabo namuhla. Ngibabonisé le ncwadi, futhi bayithandile impela. Le ncwadi inhle kakhulu futhi inakho konke osemusha angase athande ukukwazi.” Yacela ukuthi uma kungenzeka lezi zincwadi zilethwe ngaphambi kokuba kuvalelwe ihlobo.

Incwadi Intsha Iyabuza inezahluko ezingu-39. Zihlanganisa lezi: “Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Banginike Inkululeko Eyengeziwe?” “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?” “Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado?” nesithi “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?” Ungazicelela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-320 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela