“Ingishintshile Ngempela”
Yilokho umfana oneminyaka engu-12 ubudala waseVirginia, e-U.S.A., akubhala ngencwadi entsha ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Wathi imfundisé izinto abengazazi nabengakaze azizwe ngaphambili. Wachaza:
“Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu ingifundisé ukuba ngithande uNkulunkulu njalo, ngikhulume ngaye kubo bonke abantu, futhi ngikhulume naye ngomthandazo. Ingifundisé nokuba ngicele usizo nesivikelo kuNkulunkulu. Ngafunda ukuthi wonke umuntu othanda uNkulunkulu futhi enze lokho uNkulunkulu akuyalayo uyoba sePharadesi.
“Ingishintshile ngempela. Ngangivame ukuqamba amanga njalo, kodwa lapho ngiqala ukufunda le ncwadi, ngawayeka amanga. Izinto engizifunde kule ncwadi zanginika isifiso sokufunda ezinye izincwadi ezinjengayo. Ngakho ngingakujabulela ukufunda ngazi okwengeziwe ngoNkulunkulu.”
Mhlawumbe nawe uzoba nomuzwa ofanayo lapho ufunda le ncwadi enezithombe ezinhle enamakhasi angu-256 alingana nawalo magazini. Nawe ungakujabulela ukufunda izahluko ezinjengesithi “UJesu Usifundisa Ukuthandaza,” “Isifundo Sokuba Nomusa,” “Into Engakwenza Ujabule,” nesithi “Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga.” Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana usithumele ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Isithombe ekhasini 32]
Ukufundisa isifundo ngokuqamba amanga