Sizalelwe Ukufunda
“Izinyoni ziyandiza, izinhlanzi ziyatshuza; umuntu uyacabanga futhi afunde.”—UJOHN HOLT, UMLOBI NOTHISHA.
ISIXHUMO senyamazane sinomuzwa onamandla wokusukuma sime ngemilenzana yaso bese sitatabuka silandele unina. Ngakolunye uhlangothi, usana lomuntu lungase lungahambi luze luhlanganise unyaka. Yize kunjalo, abantu baphiwe ubuchopho obumangazayo ngempela obuphakeme kakhulu kobanoma isiphi esinye isilwane. Ukuphakama kwabo kubonakaliswa ilukuluku elinganeliseki lengane nogqozi lokuba nolwazi ngezinto.
Ukuze onkabi banelise lelo nxano lokwazi, uma bephile kahle engqondweni nasemzimbeni benza indawo yabo ibe uhlobo oluthile lwegumbi okwenzelwa kulo ukuhlola. Banikeze nje into ethile, bazoyihlolisisa besebenzisa zonke izinzwa, kuhlanganise neyokunambitha! Ukuhlola kwabo akugcini lapho. Njengoba wonke umzali azi, onkabi bazoyigoba le nto, bayigaklaze, bayixukuzise, bayiphihlize—ngokuvamile bakwenza bejabule impela—njengoba befuna ukuqonda nokuba nolwazi ngendawo ebazungezile.
Ukulambela kwezingane ulwazi kuba sobala nakakhulu lapho ziqala ukukhuluma—kona ngokwako okuyinto eyisimanga! Kumane nje kube sengathi ngobusuku obubodwa vo ziguquke zaba usombuzo. Imibuzo enjengokuthi ‘Yini le?’ ‘Lokho-ke?’ iphuma njengethala elingapheli ezindebeni zabo, okusivivinya kakhulu isineke sabazali abaningi. “Okuningi abakufundayo bakufunda ngeziqubu benogqozi nomdlandla,” kusho umlobi uJohn Holt.
Ngemva kweminyaka embalwa, izingane emazweni amaningi zibe sezingena komunye umkhakha wokufunda—wothisha, izincwadi, amadeski, mhlawumbe namakhulu ezinye izingane. Ngokudabukisayo, ngemva kweminyaka zifunda ezikoleni, izingane eziningi ziphelelwa umdlandla wokufunda ngaleyo ndlela. Ezinye zize zizizwe zicindezeleka lapho zicabanga ngesikole noma zisibheke njengesidina. Mhlawumbe izifundo noma othisha abathile baye bahluleka ukuzifaka ugqozi. Noma mhlawumbe ingcindezi yokuthola amamaki amahle izenza zikhathazeke kakhulu.
Imibono engemihle emfikelayo umuntu ngemfundo yalolu hlobo ingase iphikelele aze akhule noma aze aguge, okwenza labo ababa nayo babalekele noma yini efuna ukuba bajulise ingqondo, batadishe noma bacwaninge. Abantu abadala banesinye futhi isithiyo okufanele balwe naso—inkolelo yokuthi ukuguga nakanjani kuyalinqinda ikhono lokufunda. Kodwa njengoba sizobona, lowo mbono awunasisekelo.
Ingabe ufuna ukukhulisa ikhono nogqozi lwakho lokufunda, kungakhathaliseki ukuthi umdala kangakanani? Uma ungumzali, ingabe ufuna izingane zakho zibe abafundi abangcono futhi zijabulele ukufunda phakathi neminyaka yazo yesikole nalapho seziqedile esikoleni? Uma kunjalo, qhubeka ufunde isihloko esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 19]
Izingane ziyakuthanda ukufunda
[Isithombe ekhasini 19]
Ngokudabukisayo, intsha eningi ibhekana nokucindezeleka nokukhathazeka esikoleni