‘Ingisiza Ukuba Ngikhuthazele Ngaphansi Kovivinyo’
Umfundi othile waseConnecticut, e-U.S.A., wayichaza kanjalo incwadi ethi Sondela KuJehova. Wathi: “Ngifunda ingxenyana ethile nsuku zonke. Ngalezo zinsuku lapho ngigajwa ukucindezeleka, ukutadisha isikhashana kungisiza ukuba ngikhuthazele ngaphansi kovivinyo.”
Waqhubeka: “Isithombe sikamalusi onesisa ekhasini 69 senza inhliziyo yami yajabula. Futhi ngalijabulela iphuzu elisekhasini 28, isigaba 8, mayelana nokuhlangenwe nakho kukaMose esihlahleni esivuthayo lapho ‘kwamhlabathi walapho waba ngcwele ngenxa yokuxhumana kwawo noJehova!’ Uma uJehova engenza ngisho nomhlabathi ube ngcwele, mhlawumbe likhonyana ithemba ngami. Leli phuzu liye langisiza kakhulu ngoba ngilwa nokucindezeleka okuphikelelayo.”
Sikholelwa ukuthi uyozuza uma ufunda le ncwadi enoqwembe oluthambile enamakhasi angu-320, ethi Sondela KuJehova. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Sondela KuJehova.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.