“Khumbula UMdali Wakho”
“Khumbula uMdali wakho lapho usemusha! Eminyakeni ezayo, uyobe uthwele kanzima ngezinkinga bese uthi, ‘Angisakujabuleli ukuphila.’”—UmShumayeli 12:1, “Contemporary English Version.”
IVESI elingenhla eliseBhayibhelini lishukumisa ingqondo. Unethuba elilodwa kuphela lokuba musha. Kamuva, uyobheka emuva eminyakeni yobusha bakho, bese ugculiseka noma uzisole kabuhlungu. Yikuphi okuyoba yikho kuwe? Ungaqiniseka kanjani ukuthi umphumela uba muhle?
IBhayibheli, njengoba licashunwe ngenhla, liyakhuthaza: “Khumbula uMdali wakho.” Ungakwenza kanjani lokho? Ngokunamathela emithethweni nasezimisweni zikaNkulunkulu, eziseZwini lakhe, iBhayibheli. Cha, lokhu akusho ukuthi kufanele uphile ngokuzincisha yonke injabulo njengomshisekeli wenkolo oweqisayo. Ngokuphambene, ukukhumbula uMdali wakho kuyophumela ekubeni nenjabulo enkulu kakhulu ongayicabanga. Kanjani?
Ngokwesibonelo, ake sithi unikwe imoto namaphepha okushayela. Kunenkululeko entsha ethakazelisayo phambi kwakho, engakunika injabulo enkulu. Cabanga ngezindawo ongaya kuzo! Nokho, le nkululeko yakho entsha ihambisana nomthwalo wemfanelo omkhulu. Lapho ushayela, kumelwe ulalele imithetho yomgwaqo futhi unake nezimpawu zomgwaqo, ijubane, nezixwayiso. Ingabe lo mthwalo ukuphuca injabulo yakho yokushayela? Lutho neze! Empeleni, uyisivikelo. Akujabulisi ukwehlelwa yingozi, akunjalo?
Kuyindaba efanayo ngenkululeko uMdali wakho, uJehova uNkulunkulu, akunike yona. Njengoba ukhulela ebudaleni, uyakuvumela ukuba ukhethe ukuthi uzokusebenzisa kanjani ukuphila kwakho. (Duteronomi 30:19; IzAga 27:11) Yeka ukuthi lokho kuyilungelo elikhulu kangakanani! Kodwa leyo nkululeko ihambisana nomthwalo omkhulu. EZwini lakhe, uJehova ubeke ‘imithetho yomgwaqo’—izindinganiso afuna ukuba uphile ngazo. Ingabe lezi zindinganiso ziphazamisa injabulo yakho? Lutho neze! Kunalokho, zikuvikela osizini nasebuhlungwini obuhlasele intsha eningi kangaka namuhla.
UFederico, manje owevile eminyakeni engu-30 ubudala, uyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso. Esakhula, wayebona afunda nabo esikoleni benza izinto ezihlukahlukene ayazi ukuthi kufanele azigweme. Uthi: “Kwakubonakala sengathi bayajabula, kodwa ngangingacabangi ukuthi bayajabula ngempela.” Lapho ebheka emuva, uFederico uyajabula ngokuthi kwakunezindinganiso zeBhayibheli ezazimqondisa phakathi nayo yonke inkathi yokuthomba. Uthi: “Kuyiqiniso ukuthi kwakunezinkinga engangibhekana nazo, njengawo wonke umuntu osemusha. Kodwa iBhayibheli langivikela ngempela. Futhi njalo kwakunomKristu owayekulungele ukungisiza. Ukulandela izimiso zeBhayibheli kuye kwanginika injabulo enkulu kakhulu kunalokho engangikucabanga!”
UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba ujabule—ujabule ngempela. Lokho kuhilela okungaphezu nje kokuzishaya ojabule ube uququdwa usizi ngaphakathi. IBhayibheli lithi: “Jabulela ubusha bakho. Jabula lapho usemusha.” Kodwa ivesi elifanayo leBhayibheli linezela isixwayiso. Lithi: “Khumbula ukuthi uNkulunkulu uyokwahlulela nganoma yini oyenzayo.”—UmShumayeli 11:9, Today’s English Version.
Khumbula uMdali wakho ngokuyisebenzisa ngokuhlakanipha inkululeko akunike yona. Uma wenza kanjalo, ungaqiniseka ukuthi uMdali wakho uyokukhumbula futhi uyokunika injabulo echichimayo. IBhayibheli lithi: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.”—IzAga 10:22.
Ukuze basize intsha ibhekane nezilingo zokukhula, oFakazi BakaJehova baye banyathelisa incwadi enamakhasi angu-320 ethi Intsha Iyabuza . . . Izimpendulo Ezisebenzayo. Kuze kube manje, kuye kwanyatheliswa amakhophi ale ncwadi angaba yizigidi ezingu-34 ngezilimi ezingu-77. Ungathola ikhophi ngokuthintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Ukuze Uphumelele Njengomuntu Osemusha
Zinike isikhathi sokufunda iZwi likaNkulunkulu
Zikhandle enkonzweni
Gwema ukuzi-hlanganisa nababi
Londoloza ukukhulumisana okuhle nabazali bakho
[Umthombo]
Brochure cover: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.