Injabulo Nezinselele Zobusha
UBUSHA bungaba yisikhathi sokuphila esijabulisayo. Empeleni, kwabaningi kunjalo. Nabantu abaningi abadala bayajabula lapho bekhumbula isikhathi sabo sobusha.
Ngesikhathi esifanayo, kumelwe sivume ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Lokhu kuye kwayicindezela kakhulu intsha, yaba ngaphansi kwengcindezi engafani naleyo izizukulwane ezidlule ezabhekana nayo. Mhlawumbe yingakho uSabrina Solin Weill, ongumhleli omkhulu kamagazini othile wentsha, echaza ubusha ngokuthi “ukuhamba endophini ngaphandle kwenetha eliyisivikelo.” Yebo, le nkathi yokuphila eneziyaluyalu ingenza umuntu abe nethala lemizwa yokungaziqondi, ukukhathazeka, nokudideka. UWeill uyabhala: “Njengoba iphakathi kobuntwana nobudala, intsha izithola ibhekene nezingqinamba zazo zombili lezi zigaba zokuphila.”
Uma usemusha, ungazisingatha kanjani izinselele obhekene nazo? Uma ungumzali wosemusha, yini engakusiza ukuba ukhumbule ukuthi yayinjani le minyaka yesiyaluyalu, kanjalo ukuqonde kangcono lokho indodana noma indodakazi yakho ebhekene nakho? Kulolu chungechunge, simema kokubili intsha nabazali ukuba bahlolisise inkathi yobusha. Ukwenza kanjalo ngeke nje kusize intsha ukuba iqhubeke iphila kodwa futhi kuyoyisiza iphumelele.