Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 5/8 k. 21
  • Lapho Umntanakho Ekhala Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Umntanakho Ekhala Njalo
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
  • Indlela Abantwana Abawushintsha Ngayo Umshado
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Ukuthutha Abantwana—Indlela Yase-Afrika NeyaseNyakatho Melika
    I-Phaphama!—1995
  • Ukunika Izingane Lokho Ezikudingayo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 5/8 k. 21

Lapho Umntanakho Ekhala Njalo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA

UDOKOTELA waqinisekisa lokho umama ayekusola vele. Umntanakhe wayenenkinga evamile yokuluma kwesisu. Iphephandaba laseCanada i-Globe and Mail lithi lesi sifo sithinta “umntwana oyedwa kwabane.” Izimpawu zalesi sifo zihlanganisa ukukhala amahora ambalwa okungenani izinsuku ezintathu ngesonto. Yini umzali okhathazekile angayenza? Odokotela bezingane bathi ngokuvamile abazali—kanye nomntwana—kungase kudingeke balinde nje isimo size sidambe. Kodwa kufanele balinde isikhathi esingakanani?

Ucwaningo lwamuva nje eCanada lomama abanabantwana abanenkinga yokuluma kwesisu lwembule ukuthi amaphesenti angaphezu kwangu-85 alezi zinkinga ádamba lapho izinsana sezinezinyanga ezintathu ubudala. Lolu cwaningo, olwasungulwa uDkt. Tammy Clifford, umqondisi wocwaningo lwezifo eSibhedlela Sezingane se-Eastern Ontario Research Institute, lwembula nokuthi ukuba nomntwana onenkinga yokuluma kwesisu akuyilimazi unomphela impilo kamama engokwengqondo. UDkt. Clifford uthi: “Ngemva kwezinyanga eziyisithupha umntwana ezelwe, lab’ omama basuke sebefana nomama abanabantwana abangenazo izinkinga zokulunywa yisisu. Kuba njengokungathi bavele bakhohlwe nya lapho umntwana engasakhali.”

I-Globe ithi lolu cwaningo olusha olukhishwe uDkt. Clifford nozakwabo “lunezela imininingwane ebalulekile olwazini lwesayensi mayelana nokulunywa yisisu ngoba lubonisa ukuthi kunezinhlobo ezintathu zabantwana abanesifo sokuluma kwesisu: labo ababa nale nkinga kodwa iphele phakathi nezinyanga ezintathu; labo abanenkinga yokulunywa yisisu eqhubeka izinyanga eziningana ingapheli; kanye neqenjana eliba nale nkinga kamuva, ezinyangeni ezimbalwa lizelwe.” Kwenziwa olunye ucwaningo ukuze kulandelelwe intuthuko yabantwana abanenkinga yokulunywa yisisu njengoba bekhula, futhi yileli qembu lakamuva okugxilwe kulo ngokukhethekile.

Kukholelwa ukuthi ukukhala njalo komntwana kuyimbangela yezinkinga izingane ezixukuzwayo eziba nazo. Njengoba kwabikwa kuyi-Globe, “ukukhala kukodwa akunakumlimaza umntwana, kodwa ukumxukuza ngobudlova, ngisho nesikhashana nje, kungabangela umonakalo ongalungiseki ebuchosheni, ngisho nokufa.”

Ngakolunye uhlangothi, kungase kube nenzuzo ukukhala komntwana, ngisho nalapho ekhalela futhi. I-Globe ithi: “Ucwaningo lubonise ukuthi abantwana abakhala njalo empeleni bathola ukunakekelwa okwengeziwe kubanakekeli babo,” ngoba “babathinta njalo, bamomotheke nabo, bakhulume nabo futhi babagone njalo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela