‘Iqukethe Amagugu’
Yileyo ndlela umqondisi wesikhungo esinakekela asebegulela ukufa e-Illinois, e-U.S.A, ayichaza ngayo incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Omunye woFakazi BakaJehova wayemthumelele le ncwajana kanye nomagazini i-Phaphama! ngeposi ngoba lo Fakazi wayethole ngokufunda i-Phaphama! ukuthi izinga lokuzibulala laliphakeme kubantu asebekhulile. Lapho umqondisi walesi sikhungo ethola lezi zincwadi, waphendula ngokushesha.
Ngemva kokuba umqondisi walesi sikhungo ephawule ukuthi incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo yayiqukethe amagugu, wabhala: “Ngingakujabulela ukuyitholela . . . imikhaya eyoduduzwa ukuhlakanipha kwayo okuwusizo kanye nezikhombo namaphuzu ayo avela eBhayibhelini.”
Lo Fakazi ngokushesha wathinta umqondisi ngocingo wahlela ukumvakashela mathupha. Umqondisi wacela amakhophi angu-20 encwajana wacela nokuba kuxhunyanwe nalesi sikhungo njalo ngemva kwezinyanga ezimbili kuya kwezintathu ukuze bathole amakhophi amasha.
Mhlawumbe nawe noma othile omaziyo uzothola induduzo ngokufunda le ncwajana enamakhasi angu-32. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.