“Ukufuna Kwesintu Unkulunkulu”
Iphephandaba laseMexico City i-Excelsior lika-September 25, 2002, lalinengosi yomhleli enesihloko esingenhla. Yayilotshwe nguCarlo Coccioli, oyisazi nomlobi owaziwayo eMexico. Isihloko sakhe sasinesethulo esilandelayo.
“Ngiqeda ukufunda—noma, mangithi ukuphinda ukufunda, empeleni bese ngiyiphinda okwesithathu—incwadi encane ebomvu ehlukile—hhayi leyo eyayidumile ezinsukwini zikaMao Tse-tung. Le ncwadi [ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulua] ayiyona nje incwadi ehlukile kuphela, kodwa ngokungafani ‘neNcwadi Encane Ebomvu’ kaMao Tse-tung eye yanyamalala ngokuhamba kwesikhathi, lena ingase ihlale unomphela. Ngamafuphi, le ncwadi iyisipho oFakazi BakaJehova abasinikeza izwe. Incane uma uyiqhathanisa nezinye izincwadi, kodwa ekuqukethe kukhulu ngendlela engenakulinganiswa. Ingangena ekhukhwini, kodwa uma ibingatholakala emtatsheni wezincwadi ezingu-90 000 ezihlukahlukene, cishe bekuyoba yiyo ebaluleke kunazo zonke.”
UMnu. Coccioli wabe eselandisa ngesikhathi esemusha lapho enquma ukuthi imuphi umsebenzi ayezowenza ekuphileni. Wachaza: “Umkhakha wobuchwepheshe engawukhetha ezifundweni zami zaseyunivesithi wawuhlobene nalokho ingqondo yami eyayikuthanda kakhulu nokwakuthakazelelwa umphefumulo wami: izinkolo, ikakhulukazi zaseMpumalanga.” Waphawula ukuthi wayekuthakazelela ukufunda ngezinkolo nokuthi phakathi neMpi Yezwe II, wathola iziqu ezifundweni ezihlobene nazo.
Wachaza: “Ngakho, ngizizwa ngikufanelekele ngokugcwele ukusho ukuthi le ncwadi encane ebomvu engiyitholile iwumsebenzi wobuciko ojulile nomkhulu ophathelene nezinkolo. . . . [Le ncwadi] kufanele ibe khona emzini ngamunye ukuze ivulwe, ifundwe, iphinde ifundwe njalo nje. Ayinalutho oluwukukhankasela inkolo ethile, kodwa kunalokho, iwumsebenzi omkhulu wempucuko yomuntu, omphefumulo wakhe uthambekele ekucwaningeni impicabadala ephathelene noNkulunkulu.”
Ephetha isihloko sakhe, uMnu. Coccioli wanikeza inombolo yocingo kaFakazi owayemnike le ncwadi. Lo Fakazi usethole izingcingo eziningi ezicela le ncwadi, ngakho ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico liye laqikelela ukuthi bonke ababonise isithakazelo encwadini Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu bathola ikhophi. Umuntu othile owacelela umkhaya wakubo nabangane izincwadi ezingu-20 manje uthuthuka kahle kakhulu ekutadisheni kwakhe iBhayibheli.
[Umbhalo waphansi]
a Amakhophi ale ncwadi anyatheliswe muva anoqwembe oluthambile hhayi olubomvu oluqinile.