Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 9/8 k. 22
  • Umbiko Wakhe Wabahlaba Umxhwele Ngempela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Wakhe Wabahlaba Umxhwele Ngempela
  • I-Phaphama!—2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izisulu Ezilitshelwe” Ziyakhunjulwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Yini Engingayenza Ukuze Sizwane Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza
  • Osemusha Oziqhenyayo Ngenkolo Yakhe
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 9/8 k. 22

Umbiko Wakhe Wabahlaba Umxhwele Ngempela

Phakathi nonyaka wakhe wokuphothula esikoleni, uGinny, ongomunye woFakazi BakaJehova e-United States, wathola ithuba elihle lokukhuluma ngenkolo yakhe. Uthi: “Uthisha wasitshela ekilasini ukuthi kwakudingeka sibhale indaba elotshwayo ukuze sithole iziqu. Ngamtshela ukuthi ngifuna ukubhala ngoFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa amaNazi.”

Uthisha wavuma ukuba uGinny asebenzise leso sihloko. “Ngaba novalo lapho kufika isikhathi sokuba ngihambise indaba engangiyibhalile futhi nginikeze inkulumo ekilasini,” kuvuma uGinny. “Ngangingazi ukuthi engifunda nabo babezothini nokuthi babengeke yini bangigcone.”

UGinny waqala inkulumo yakhe ngokubuza: “Ukhona owaziyo ukuthi obani ababefaka iNkanyezi KaDavide emakamu okuhlushwa amaNazi?” Bonke bathi, “AmaJuda.” Wabe esebuza ukuthi babazi yini ukuthi obani ababefaka unxantathu onsomi. Akuphendulanga muntu. UGinny uthi: “Ngabatshela ukuthi wawufakwa oFakazi BakaJehova.”

Uthisha kanye nekilasi bahlatshwa umxhwele yindaba kaGinny. UGinny uthi: “Labamangalisa iqiniso lokuthi oFakazi BakaJehova babengathola inkululeko ngokumane nje basayine iphepha elilahla ukholo lwabo. Kamuva, abanye engifunda nabo ekilasini bangitshela ukuthi ngaphambili babebaklolodela oFakazi BakaJehova kodwa bathi ngokuzayo lapho befika kubo, babezobalalela.”

UGinny wathola o-A abane ngendaba yakhe nangenkulumo ayinikeza. Uthi: “Angitholanga nje amamaki amahle kuphela, kodwa ngathola nethuba elihle lokukhuluma ngokholo lwami!”

[Isithombe ekhasini 22]

OFakazi BakaJehova abaningi báthenjiswa inkululeko uma nje babengasayina leli phepha elilahla ukholo lwabo

[Umthombo]

Courtesy of United States Holocaust Memorial Museum

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela