Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 8/8 k. 32
  • Incwadi Evela Kumuntu Omthandayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Evela Kumuntu Omthandayo
  • I-Phaphama!—2003
I-Phaphama!—2003
g03 8/8 k. 32

Incwadi Evela Kumuntu Omthandayo

Umfundi othile waseNew York wafanisa incwadi ethi Sondela KuJehova nencwadi evela kumuntu omthandayo, echaza: “Isahluko ngasinye simane nje sithinta inhliziyo sikwenze ugcwale uthando ngoJehova.” Wanezela: “Njengoba manje sengiyiqedile le ncwadi, angikwazi ukulinda ukuba ngiyiqale phansi futhi, njengoba ubungenza ngencwadi oyibhalelwe umuntu omthanda kakhulu.” Cabangela lokho okushiwo ngabanye.

Umfundi waseKansas waphawula: “Ngiyezwa ngempela ukuthi ngisondela kakhudlwana kuBaba osezulwini. Inhliziyo yami imane nje ichichima uthando . . . Ngibheke phambili ekuyifundeni njalo ekuseni, futhi ngizolokhu ngiyifunde njalo ngokuphindaphindiwe.”

Owesifazane othile waseMaine wabhala: “Ingisize kakhulu ukuba ngimqonde ngokujulile uJehova njengomuntu ongokoqobo! Yeka ukuthi amazwi asekhasini 74 aduduza kanjani: ‘Kulabo abafayo, ayikho indawo ephephe ngaphezu kokuba senkumbulweni kaNkulunkulu.’” Umlobi othile e-Alaska uyavumelana nalokhu: “Yangithinta ekujuleni kangangokuba ngamane ngachiphiza izinyembezi.” Wanezela: “Ngokuqinisekile ngizoyifunda njalo futhi ngizolokhu ngikhulume ngayo njalo.”

Sikholelwa ukuthi nawe uzozizwa ngokufanayo lapho uyifunda le ncwadi. Ngemva kwezahluko zayo ezintathu zokuqala, le ncwadi ihlukaniswe yaba izingxenye ezine ezinezihloko ezithi “Unamandla Amakhulu,” “Umthandi Wobulungisa,” “Unenhliziyo Ehlakaniphile,” nesithi “UNkulunkulu Uluthando.” Iphetha ngesahluko esithi “Sondela KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kuwe.”

Ungase uzicelele le ncwadi enamakhasi angu-320 enesembozo esithambile ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elinikeziwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 kulo magazini.

□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Sondela KuJehova.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo samahhala seBhayibheli sasekhaya.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela