Umhlangano Obaluleke Kunayo Yonke Onyakeni
Zicabange uphethwe yisifo esisongela ukuphila kwakho. Singelashwa ngokuba uhlinzwe, kodwa izindleko zokuhlinzwa zingaphezulu kakhulu kwamandla akho. Manje, ake sithi kufika umuntu onomusa athembise ukukhokhela izindleko zokuhlinzwa kwakho. Ubungeke yini usazise isipho sakhe esisindisa ukuphila kwakho?
IBhayibheli lifundisa ukuthi abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, badlulisela isono nokufa kuyo yonke inzalo yabo. Khona-ke ngomqondo othile, sonke sizalwe sinesifo esingelapheki—futhi akekho kithi onamandla okukhokhela izindleko zokuselapha. (IHubo 49:7-9) Nokho, uJehova uNkulunkulu unikele ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, njengesihlengo sokukhokhela izindleko zezono zethu. Ngenxa yalesi sipho esisindisa ukuphila, sinethuba lokuphila phakade ePharadesi.—Roma 6:23.
NgoLwesithathu, ngo-April 16, ngemva kokushona kwelanga, oFakazi BakaJehova bayokhumbula ukufa kukaJesu. Ngonyaka odlule bangaphezu kuka-15 000 000 ababa khona—iningi labo kwakungebona oFakazi BakaJehova. Uyamenywa ukuba ube khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu salo nyaka. Ngempela siwumhlangano obaluleke kunayo yonke onyakeni. Siza uthole koFakazi BakaJehova endaweni yakini ukuthi sizoqhutshwa nini futhi kuphi.