Ukubonisa Uthando Ezikhathini Zobunzima
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
ISONTO, ngomhla ka-27 ku-January, 2002, labizwa ngokuthi iSonto Elimnyama eLagos, eNigeria. Ukuqhuma okwenzeka endaweni yokugcina izikhali ngaphansi komhlaba kwazamazamisa lonke idolobha kokhela amalangabi ayingozi. Kwaphela amahora ambalwa ukuqhuma kusakaza amabhomu nemfucumfucu endaweni engaba amakhilomitha amathathu, kwabangela ukwesaba okukhulu edolobheni.
Amahemuhemu asakaza ukwesaba. Izixuku zabantu ababenovalo zaphumela emigwaqweni, zingazi ukuthi zibalekelani noma ukuthi zazilibangisephi. Ebumnyameni basebusuku, amakhulu abantu, kuhlanganise nezingane ezazithukile, bangena emfuleni onamanzi adungekile baminza. Imizi, izikole namabhizinisi kwacekeleka phansi noma konakala kabi, kwashiya izinkulungwane zingenamakhaya namsebenzi. Balinganiselwa kwabangu-1 000 abantu abafa kule nhlekelele. Izibalo ezakhishwa kamuva zazinikeza inani eliphakeme ngisho nakakhulu kunalelo.
Kamuva, kwatholakala amabhomu angaqhumanga namabhomu ajikijelwayo angaba ngu-1 350 ezindaweni zokuhlala ezizungeze leli kamu okwakwenzeke kulo ukuqhuma. Indoda ethile yathola insimbi egumbini lakwayo lokuphumula. Ingazi ukuthi kwakuyibhomu, yayithatha yayifaka emotweni, yayibuyisela kuziphathimandla.
Lapho lizwa ngalokhu kuqhuma, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNigeria ngokushesha lathintana nomdala othile eLagos layala ababonisi abajikelezayo abangu-16 kuleyo ndawo ukuba bahlole isimo soFakazi baseLagos, abangu-36 000. Igatsha lathumela imali engaba ngu-R100 000, kanye neziyalezo zokuba kubunjwe ikomiti yosizo eyayizosiza kulesi simo.
Phakathi koFakazi, indoda ethile yalinyazwa kabi yimfucumfucu; ngeshwa, kwashona izintokazi ezimbili; kanti amaHholo OMbuso amabili nemizi yemikhaya engu-45 kwacekeleka phansi.
Ezinsukwini eziyisithupha ngemva kokuqhuma kwalezi zikhali, ngo-February 2, 2002, kwaqubuka impi yobuhlanga kwenye ingxenye yaleli dolobha. AbeSiphambano Esibomvu bathi le mpi yashiya abayikhulu befile, kwalimala abangu-430, abangu-3 000 bashiya amakhaya, kanti kwashiswa imizi engu-50. Ikomiti yosizo eyayinakekela izidingo zezisulu ‘zeSonto Elimnyama’ ngokushesha yaqala ukufuna abafowabo abangamaKristu kule ndawo.
Akekho owafa koFakazi kulesi senzakalo, ngenxa yokuthi abaningi babo babengekho beye emhlanganweni wesifunda lapho kuqubuka le mpi. Nokho, iningi lamalungu amabandla amahlanu akule ndawo lalahlekelwa imizi. Ngokushesha, abafowabo abangamaKristu babamukela emizini yabo. Udokotela othile onguFakazi nomkakhe bamukela abantu abangu-27 ababengenandawo yokuhlala.
OFakazi baseLagos ababengathintekanga ekuqhumeni kwamabhomu nasempini yobuhlanga ngesihle banikela ngokudla, izingubo zokugqoka nempahla yasendlini. Umbonisi wedolobha wabika: “Izinto ezinikelwe abazalwane baseLagos ziningi ngaphezu kwalezo ezidingwa yilabo abathintekile.” Kwadingeka ukuba ihhovisi legatsha libhalele amabandla liwacele ukuba angabe esazithumela ezinye izinto. Kwathunyelwa amaloli amathathu egcwele impahla eyayisele ukuba iyogcinwa ehhovisi legatsha.
Abadala bamabandla bavakashela izisulu eziningi namalungu emikhaya eyayishonelwe. Bazama ukunikeza induduzo yemiBhalo. Ikomiti yosizo yahlela ukuba kulungiswe imizi eyayonakele. Yapha izisulu zalezi zinhlekelele ezimbili impahla yasendlini, izingubo zokugqoka nokudla futhi yasiza abangenamakhaya ukuba bathole indawo yokuhlala. Le komiti yasiza imikhaya engu-90 nabantu ngabanye.
Izisulu eziningi zahlatshwa umxhwele ngosizo ezaluthola. Ekhuluma nekomiti yosizo, uFakazi othile wathi: “Uma nje ngisaphila, ngiyokwenza uJehova abe ‘isiphephelo sami namandla ami’!”—IHubo 46:1, 2.
Abantu abangebona oFakazi bayiqaphela indlela oFakazi BakaJehova abanakekelana ngayo phakathi nalezi zinhlekelele. Umalume womunye woFakazi abashona watshela abadala bebandla umshana wakhe ayehlanganyela nalo ukuthi: “Ngizophinde ngibuye ngizonibonga ngempela ngifunde nokwengeziwe.” Watshela umkhaya wakhe: “Into engiyibone eLagos iyisimangaliso. Ngisho nezihlobo azisebenzanga ngendlela laba bantu abasebenze ngayo.”
[Isithombe ekhasini 13]
Iloli elithwele impahla yosizo
[Isithombe ekhasini 13]
Abanye abasizwa
[Isithombe ekhasini 14]
Lo mbhangqwana wahlalisa abantu abangu-27
[Isithombe ekhasini 14]
OFakazi belungisa umuzi owonakele
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Top: Sam Olusegun - The Guardian