Leza Nomoya
Umlisa mumbe wayehamba komunye wemigwaqo yaseMumbai, eNdiya, lapho kuwela iphepha elibhaliwe ezinyaweni zakhe elalipheshulwe isikhwishikhwishi somoya. Kwakuyi-Kingdom News No. 36, enesihloko esithi “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Lesi sihloko samkhanga. Akabange esabuza, walicosha walifunda lonke. Lavusa isithakazelo sakhe futhi efuna ukwazi okwengeziwe wacela iBhayibheli nezinye izincwadi.
Leli pheshana, elanyatheliswa oFakazi BakaJehova, liveza amaphuzu aqinisa ukholo. Lichaza ngokucacile ukuthi izinkinga esibhekana nazo, kuhlanganise nokugula, ubumpofu, nezimpi, zibangelwa “ukuhaha, ukungathembani, nobugovu—imikhuba engenakuqedwa nje ngokucwaninga kwesayensi, ubuchwepheshe noma ezombangazwe.” Leli pheshana libonisa nokuthi maduzane, uNkulunkulu uyoqeda bonke ububi emhlabeni.
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngezithembiso zeBhayibheli ngekusasa? OFakazi BakaJehova bafundisa iBhayibheli emakhaya ezigidi zabantu, besebenzisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kuhlanganise nencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Le ncwajana iphendula imibuzo enjengale: Ungubani uNkulunkulu? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Uyini uMbuso kaNkulunkulu? IBhayibheli lingakuthuthukisa kanjani ukuphila komkhaya wakho?
Uma uthanda ukuba oFakazi BakaJehova bakuvakashele kwakho ukuze bakusize uqonde lokho uNkulunkulu azokwenza maduzane, bayokujabulela lokho futhi bayokunika ulwazi olwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu. Siza ugcwalise isigqebhezana esingezansi ukuze bakwazi ukukusiza.
□ Ngicela ningilethele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.