Inkantolo Ephakeme Iyavuma Ukuqula Kabusha Icala
EMINYAKENI YAMUVA, emacaleni angaphezu kuka-7 000 adluliselwa eNkantolo Ephakeme minyaka yonke, angu-80 kuya ku-90 kuphela evumile ukuwaqula ikhiphe isinqumo esibhalwe phansi—okuyinani elingaphezudlwana nje kwephesenti elilodwa!
Ngo-May 2001, oFakazi BakaJehova bafaka iSicelo Sokuba Icala Labo Lithethwe Kabusha eNkantolo Ephakeme, babuza lo mbuzo: “Ingabe izikhonzi zenkolo ezenza umsebenzi osekelwe emiBhalweni osunamakhulu eminyaka ukhona wokungena indlu ngendlu zixoxe ngezinkolelo zazo zenkolo, ngokomthetho-sisekelo ziyefana yini nabadayisi bezimpahla, futhi kufanele ziqale zithole imvume kumasipala yokukhuluma ngeBhayibheli noma yokunika abantu izincwadi zeBhayibheli ngaphandle kwenkokhiso?”
Ngo-October 15, 2001, uMnyango Wezomthetho We-Watchtower watshelwa ukuthi iNkantolo Ephakeme Yase-United States yayivumile ukuliqula kabusha icala elaliphakathi kwe-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., nabanye ne-Village of Stratton nabanye!
Le Nkantolo yamukela kuphela udaba oluthile lwenkululeko yokukhuluma, oluthi iSichibiyelo Sokuqala esivikela inkululeko yokukhuluma siyalihlanganisa yini nelungelo labantu lokukhuluma nabanye ngendaba ethile ngaphandle kokuqale bayozethula kuziphathimandla.
Manje kwase kuzodingeka liqulwe-ke leli cala phambi kwamajaji angu-9 eNkantolo Ephakeme Yase-United States. OFakazi babezoba nabameli babo; neDolobhana LaseStratton nalo libe nabalo. Yayizozala nkomoni?
[Ibhokisi ekhasini 5]
SIYINI ISICHIBIYELO SOKUQALA?
“ISICHIBIYELO I (INHLANGANO YENKOLO; INKULULEKO YENKOLO, YOKUKHULUMA, YOKUSEBENZA KWABEZINDABA, YOKUHLANGANA NDAWONYE NEYOKWENZA ISICELO) ISishaya-mthetho asivunyelwe ukubeka umthetho ophathelene nenhlangano yenkolo, noma ukuyivimbela ukuba isebenze ngenkululeko; noma ukunciphisa inkululeko yayo yokukhuluma noma yokusebenza kwabezindaba; noma ilungelo lokuba abantu bahlangane ndawonye ngokuthula, nokucela uHulumeni ukuba uxazulule izikhalo.”—UMthetho-sisekelo Wase-United States.
“ISichibiyelo Sokuqala siyinsika yenqubo yentando yeningi e-United States. ISichibiyelo Sokuqala senqabela iSishaya-mthetho ukuba sibeke imithetho evimbela inkululeko yokukhuluma, yokusebenza kwabezindaba, yokuhlangana ndawonye ngokuthula, noma yokwenza isicelo esithile. Abantu abaningi babheka inkululeko yokukhuluma njengebaluleke kakhulu nokusekelwe kuyo inkululeko yazo zonke izinto. ISichibiyelo Sokuqala senqabela nokuba iSishaya-mthetho sibeke imithetho yokuba kube khona inkolo yombuso noma imithetho enciphisa inkululeko yenkolo.” (The World Book Encyclopedia) Kuyathakazelisa ukuthi ecaleni elaliphakathi kukaCantwell neConnecticut, 310 U.S. 296 (1940), esinqumweni esiyingqopha-mlando naso esasivuna oFakazi BakaJehova, iNkantolo Ephakeme Yase-United States yathi iSichibiyelo Sokuqala asenqabeli nje “iSishaya-mthetho” (uhulumeni wezwe) kuphela ukuba sikhiphe imithetho eyongqubuzana nomthetho-sisekelo, iphule amalungelo aseSichibiyelweni Sokuqala kodwa senqabela neziphathimandla zezindawo (ohulumeni basekhaya nomasipala).
[Izithombe ekhasini 5]
Izinto ezihilelekile kuleli cala zithinta abantu abangena emizini yabanye ngezizathu ezihlukahlukene
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
Photograph by Franz Jantzen, Collection of the Supreme Court of the United States