“Kwakumelwe Nakanjani Ngazi Okwengeziwe”
NYAKENYE, owesifazane othile wabhala: “Izolo ngithole incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? engangiyicele ngeposi.” Wachaza ukuthi ngaphambi kwalokho, wayethole izikhangiso ezimbili ezikhuluma ngale ncwajana. Wathi: “Ngayilinda ngamehlo abomvu ngoba ngemva kokufunda lezi zikhangiso, ngangazi ukuthi kwakumelwe nakanjani ngazi okwengeziwe. Lapho ngiyithola le ncwajana, ngaqala ukuyifunda ngokushesha ngangokunokwenzeka. Konke okusencwajaneni yenu kunengqondo futhi kuvela eBhayibhelini.”
Waphetha ngokuthi: “Nginomuzwa wokuthi kuyaphuthuma ukwenza okuthile ngalokho engikufundile.”
Sikholelwa ukuthi nawe uyozuza ngokufunda incwajana enamakhasi angu-32 ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngaphandle kwesifundo sayo esikhangayo esithi “Ungubani UJesu Kritu,” uyothola nezinye, kuhlanganise nesithi “Ungubani UNkulunkulu?,” “Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?” nesithi “Uyini UMbuso KaNkulunkulu?” Uma uthanda ukucela ikhophi, gcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningilethele incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.