Inkulumo-mpikiswano Yethelevishini NgoFakazi BakaJehova
Phakathi kuka-2000 no-2001, oFakazi BakaJehova bahlaselwa ezweni laseGeorgia, elaliyi-republic yeSoviet Union. Isiteshi sethelevishini esiyintandokazi eGeorgia sasakaza inkulumo-mpikiswano phakathi kukasombangazwe othile owayefuna kuvinjelwe oFakazi, noprofesa owayeqokwe yinkantolo ukuba ahlolisise izincwadi zoFakazi.
Lapho ephendula ithala lezinsolo ngokuphathelene nezinkolelo zoFakazi, lo profesa waveza ukuthi usombangazwe wayekhuluma “uwangala.” Wabe esethi: “Nakhu oFakazi BakaJehova abakukholelwayo,” esho ephakamisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ukuze izibukeli zethelevishini ziyibone.
Uprofesa wabe esefunda isigaba sokuqala sale ncwadi, esiphetha ngala mazwi: “Nokho, kwabaningi ukuphila kubonakala kuletha izinkinga ezingathi sína zilandelana. Uma isimo sakho siye saba njalo, yima isibindi.”
Le ncwadi inikeza izimpendulo zeBhayibheli emibuzweni abantu abaningi abanayo. Ngokwesibonelo, phakathi kwezinye zezihloko zezahluko zayo, kunalezi: “Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?,” “Kungani Siguga Futhi Sifa?” nesithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?”
Ungathanda yini ukuthola ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-192 ukuze uzifundele yona? Ungayicela ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.