Induduzo Kwabalilayo
UKUHLASELA kwamaphekula eNew York City naseWashington, D.C., okwenzeka ngo-September 11, 2001, kwashaqisa abantu emhlabeni wonke. Ngosuku olulodwa, kwafa izinkulungwane zabantu, kuhlanganise namakhulu amaqhawe abacimi bomlilo, amaphoyisa nabezokwelapha.
Kusukela kwenzeka leso senzakalo, oFakazi BakaJehova baye benza umzamo ohlangene wokududuza labo abaye bashonelwa abathandekayo babo kule nhlekelele. Baye benza lokho ukuze ‘babophe abanhliziyo ezaphukileyo’ futhi ‘baduduze bonke abalilayo.’—Isaya 61:1, 2.
Sekuyiminyaka oFakazi BakaJehova beqaphela ukuthi labo abashonelwa abathandekayo bavame ukucabanga ngale mibuzo elandelayo. IBhayibheli linazo izimpendulo. Kungani ungabheki imiBhalo eboniswe ngezansi eBhayibhelini lakho?
Ingabe ukufa komuntu kunqunywa kusengaphambili?
KumShumayeli 9:11, iBhayibheli lithi sonke isintu sihlangabezana “nesikhathi nethuba.” Uma ukufa kunqunywa kusengaphambili, kungani iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sithathe izinyathelo zokuphepha?—Ngokwesibonelo, bheka uDuteronomi 22:8.
Kungani sifa?
Umbhangqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, wabekwa epharadesi lasemhlabeni. Ukuba abantu bálalela, ngabe abafanga. Ukufa kwakuzoba khona kuphela uma abantu bengamlaleli uNkulunkulu. (Genesise 1:28; 2:15-17) Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva abamlalelanga uMdali wabo. Ngenxa yalokho bathola isijeziso—ukufa. Njengoba bonke abantu beyinzalo ka-Adamu no-Eva, bonke bazuze njengefa isono nokufa. IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”—Roma 5:12.
Siyini isimo sabafileyo?
Ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu, uNkulunkulu wathi: ‘Uyakubuyela emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.’ (Genesise 3:19) Ngakho-ke, ukufa kuyisimo sokungazi lutho ngokuphelele—ukungabi bikho ngempela. IBhayibheli lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5, omalukeke sizenzele.) IBhayibheli lithi futhi lapho umuntu efa, ‘ubuyela emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.’—IHubo 146:3, 4, omalukeke sizenzele.
Asinawo yini umphefumulo osindayo ekufeni?
IBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi umphefumulo wakho unguwe uqobo, hhayi okuthile okungabonakali okusindayo lapho ufa. (Genesise 2:7; IzAga 2:10; Jeremiya 2:34) Uma kunjalo-ke, singasho ukuthi uma umuntu efa, kufé umphefumulo. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Umphefumulo [okungukuthi, umuntu] owonayo uyakufa.”—Hezekeli 18:4.
Liyini ithemba ngabafile?
IBhayibheli lembula ukuthi kuyinjongo kaNkulunkulu ukubuyisela abafileyo ekuphileni ngokubavusela emhlabeni oyipharadesi, lapho ukugula nokufa kungeke kusaba khona. UJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo futhi baphume.”—Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:1-4.
Lapho ekhuluma ngomngane wakhe uLazaru owayesanda kushona, uJesu wafanisa ukufa nokulala. (Johane 11:11-13) Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba uJesu emvusile, uLazaru akazange asho lutho ngokuba sendaweni yokuhlushwa noma endaweni yenjabulo phakathi nesikhathi esifushane sokufa kwakhe. (Johane 11:37-44) Lokhu kuyaqondakala, ngoba abafileyo abazi lutho. Abahlupheki kodwa balinde “ihora” abayovuswa ngalo. Nakhu okubalulekile, iqiniso lokuthi uJesu wavusa uLazaru libonisa ukuthi abafileyo bangaphinde baphile. Ngempela, ngalesi simangaliso uJesu wabonisa ngezinga elincane lokho okuyokwenzeka emhlabeni ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. (IzEnzo 24:15) Yeka induduzo lokhu okuyiyo kulabo abashonelwa abathandekayo babo kulezi zikhathi ezineziyaluyalu!