Incwadi Engasiza Ekusindiseni Umshado
NYAKENYE, OWESIFAZANE OKUTHIWA ULESLIE, eLouisiana, e-U.S.A., wathola ucingo luvela kummeleli weTulane University. Lo muntu owayeshaye ucingo wathi iyunivesithi yaseTulane, kanye nenye iyunivesithi, ayenza inhlolo-vo nemibhangqwana eyayisanda kushada eLouisiana.
Ngemva kokuvuma ukuhlanganyela kule nhlolo-vo, lona wesifazane wathola ifomu, waligcwalisa, walithumela kanye nencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Wachaza ukuthi yena nomyeni wakhe bangoFakazi BakaJehova futhi babeyifunde ndawonye le ncwadi lapho besalungiselela umshado.
Ngemva kwamasonto ambalwa, bathola incwadi evela kumqondisi wale nhlolo-vo, owabhala: “Sithemba ukuthi imibhangqwana enjengawe nomyeni wakho ingasifundisa ukuthi yini edingekayo ukuze imishado iqine futhi ijabule. Iqiniso lokuthi ninezizinda ezingafani libalulekile ngenxa yokuthi lokhu ngokuvamile yikho okwenza kube nzima emshadweni. Kodwa ukuthi nalungiselela umshado wenu ngosizo lwezincwadi ezinjengale owayithumela, kuyonisiza nisingathe noma yikuphi ukungavumelani okungase kube khona. Kanti-ke, into ebaluleke kakhulu emshadweni yisisekelo esingokwenkolo. Nobabili ninenhlanhla ngokuba nokholo oluqinile nokuthembela osizweni lukaNkulunkulu.
“Incwadi ongithumelele yona ngiyibeke etafuleni lami, futhi sengiyibonisa abafundi bami uma bengicela iseluleko ngomshado. Ngangiyiqabuka le ncwadi, yinhle kakhulu.”
Sikholelwa ukuthi nawe uyoyithola iwusizo kakhulu le ncwadi. Ukuze uzitholele eyakho, siza ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Uyothola ukusikisela okuqondile okungasiza ekuxazululeni izinkinga futhi kwenze ukuphila komkhaya kujabulise ngendlela uMdali ayehlose ngayo.
□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.
Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.