Indlela Athola Ngayo Umklomelo Wokuqala
Othile osemusha wabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eLusaka, eZambia, ukuze abonge nge-Phaphama! Wachaza ukuthi ngenxa yalo magazini, wayetholé umklomelo wokuqala emncintiswaneni wabafundi basesikoleni esiphakeme wokubhala indaba. Abafundi banikezwa isihloko esithi “Ukuphokophelela Emkhathini—Ukusaphazwa Kwemali Okukwedlula Konke Emhlabeni” futhi batshelwa ukuba bacwaninge ngalesi sihloko. Lona osemusha wachaza:
“Ngokushesha ngathola i-Phaphama! ka-September 8, 1992. Lo magazini wawunalokho engangikufuna. Ngathatha amaphuzu nakwabanye omagazini be-Phaphama!” Umklomelo wokuqala owatholwa yilona osemusha wawuhlanganisa nesheke lika-R675. Washo ngokubonga wathi: “Kwabaningi, i-Phaphama! iwumagazini odl’ ubhedu.”
Lapho abantu emhlabeni wonke becabangela uhlelo lokuhlolwa komkhathi—kuhlanganise namacebo ohulumeni okuvikela izindawo zabo zingahlaselwa—abaningi bayazibuza ukuthi liyoke libe khona yini izwe elingenayo impi. Wona kanye lo mbuzo uyisihloko sencwajana enamakhasi angu-32 enikeza ubufakazi obunamandla bokuthi izwe elinjalo liyoba khona. Kodwa kanjani? futhi nini?
Sikumema ukuba ufunde incwajana ethi Will There Ever Be a World Without War? Ungazicelela le ncwajana ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningilethele incwajana ethi Will There Ever Be a World Without War?
Bonisa ulimi. (Ayitholakali ngezilimi zaboMdabu.)
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.