Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 2/8 k. 32
  • “Ngicela Usizo Lwenu! Sengithembele Kini”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngicela Usizo Lwenu! Sengithembele Kini”
  • I-Phaphama!—2002
I-Phaphama!—2002
g02 2/8 k. 32

“Ngicela Usizo Lwenu! Sengithembele Kini”

LESO KWAKUYISIPHETHO SENCWADI UDOKOTELA othile eKaunas Medical University eLithuania ayibhalela ihhovisi loFakazi BakaJehova kulelo zwe. Lo dokotela wachaza:

“Emsebenzini, ngaqala ukufunda incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ngangihlela ukusebenzisa ekuqukethe kwezinye zezihloko zami, kodwa le ncwadi yalahleka. Kubonakala sengathi ukhona owayithatha. Lokhu kwangikhathaza kakhulu—ngoba ngangilahlekelwe okuthile okuyigugu. Ngicela ngomusa ningithumelele enye ikhophi.

“Ngiyayidinga ngempela le ncwadi ngoba ngiye ngivakashele izikole ngisebenze nentsha, futhi le ncwadi ingisiza ekuphenduleni imibuzo yayo eminingi. Uma ngithola enye ikhophi, ngizoyigcina ekhaya ngiyinakekele. Le ncwadi iqukethe okuthile okuyigugu ngempela, futhi mhlawumbe yileso sizathu esenza othile wayithatha. Kulezi zikhathi ezinzima, kubalulekile ukuthola amandla emthonjeni othile. Ngicela usizo lwenu! Sengithembele kini.”

Incwadi ethi Intsha Iyabuza iphendula imibuzo eminingi ebuzwa yintsha, enjengokuthi: “Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Banginike Inkululeko Eyengeziwe?,” “Ingabe Kufanele Ngihambe Ekhaya?,” “Ngingazenzela Kanjani Abangane Beqiniso?,” “Imuphi Umsebenzi Okumelwe Ngiwukhethe,” “Kuthiwani Ngobulili Ngaphambi Komshado” nesithi “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?” Lezi zihloko ezingenhla zingezimbalwa nje zezahluko zale ncwadi. Ukuze ucele eyakho, gcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela