Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 12/8 k. 32
  • Zingatholakalaphi Izimpendulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zingatholakalaphi Izimpendulo?
  • I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—2001
g01 12/8 k. 32

Zingatholakalaphi Izimpendulo?

Yilokho abaningi abakubuzayo namuhla. Uthisha waseNovosibirsk, eRussia, wabona ukuthi akulula ukuthola izimpendulo zemibuzo yabafundi bakhe ngokuphathelene noNkulunkulu nenkolo. Wachaza encwadini:

“Lapho ngifika ekhaya ngelinye ilanga, ngathola ipheshana elincane elalishiywe khona elinesihloko esithi ‘Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli.’ Ngifundisa ezomlando esikoleni, futhi ngokuvamile kudingeka ngixoxe nabafundi ngezihloko ezinjengesonto, iBhayibheli noNkulunkulu. Ngezinye izikhathi kunzima kakhulu ukuthola izimpendulo zemibuzo ebuzwa yizingane.

“Ekuqaleni, ngangicabanga ukuthi abantu baya kuNkulunkulu uma benezinkinga kuphela. Kodwa manje ngiyaqiniseka ukuthi lokho akulona iqiniso. Umuntu uyazibuza nokuthi: ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi? Ngingubani mina? Ngavelaphi? Ngizoshonaphi uma ngifa?’ Kubalulekile ukuthola izimpendulo zale mibuzo. Kubonakala sengathi iBhayibheli linikeza ubufakazi obukholisayo.”

Lo thisha waphetha: “Ngibhalé le ncwadi ngoba ngifuna ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli noNkulunkulu.”

OFakazi BakaJehova baqondisa abantu eBhayibhelini ukuze bathole izimpendulo zemibuzo yabo. Cabanga ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Phakathi kwezihloko zayo ezingu-19 kukhona ezithi: “Ungubani UNkulunkulu Weqiniso?,” “Kungani Siguga Futhi Sifa?” nesithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” Ungacela le nsiza-kufunda yeBhayibheli enamakhasi angu-192 ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningilethele incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela