Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 10/22 k. 32
  • Lamkhanga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lamkhanga
  • I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—2001
g01 10/22 k. 32

Lamkhanga

Emgwaqweni omkhulu waseBangui, eCentral African Republic, osemusha othile wathola ipheshana elithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? Lo mbuzo wamthakazelisa, futhi wafuna ukwazi okwengeziwe ngawo. Waqala ukulifunda, nomngane wakhe waba nesithakazelo esifanayo. Kodwa, lalilinye kuphela, futhi umninilo wayengazimisele ukuhlukana nalo. Babezoyixazulula kanjani le nkinga?

Ikhambi laliwukukhokha imali engu-100 CFA, okulingana no-R1,20, ukuze benze ikhophi yaleli pheshana. Imali eningi kabi leyo kumfana osafunda esikoleni eBangui. Kodwa manje bobabili babejabule ngokuba nekhophi yesigijimi esiye sajatshulelwa yizigidi kuwo wonke umhlaba.

Uma nawe ungathanda ukufunda indlela ukubuswa kwezwe okuzothuthukiswa ngayo maduzane, uyacelwa ukuba uthole leli pheshana. Ungazicelela lona kanye nencwajana enamakhasi angu-32 ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningilethele ipheshana elithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? kanye nencwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha.”

Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela