“Amadolobha Achichimayo”
“Isintu sithutha kakhulu kunanoma yinini ngaphambili, futhi iningi lalabo abathutha ngoba befuna ukuphila okungcono liya edolobheni.”
YASHO njalo incwadi ethi Foreign Affairs esethulweni sesihloko esithi “Amadolobha Achichimayo Emazweni Asathuthuka.” Ngokwaleso sihloko, abantu abaningi baye “bayengwa ubukhazikhazi noma bathutha emaphandleni ngenxa yeziyaluyalu zezombangazwe nezomnotho, izingcindezi emphakathini nokuwohloka kwesimo semvelo.”
Amadolobha akhula ngokushesha kangakanani? Abanye balinganisela ukuthi abantu bathuthelekela emadolobheni ngesilinganiso esishaqisayo sabantu abangaphezu kwesigidi ngesonto! Emazweni asathuthuka kunamadolobha angaphezu kuka-200 manje aye aqopha umlando ngokuba nabantu abangaphezu kwesigidi. Amanye angu-20 aye aba nenani elifinyelela ezigidini eziyishumi! Futhi awabonakali ezoncipha. Ngokwesibonelo, cabangela idolobha laseLagos, eNigeria. Ngokombiko we-Worldwatch Institute, “ngo-2015, cishe iLagos iyobe isinabantu abayizigidi ezingu-25, isuka ekubeni idolobha le-13 iya ekubeni idolobha lesithathu kwamakhulu kunawo wonke emhlabeni.”
Ochwepheshe abaningi banomuzwa wokuthi lokhu akubikezeli ikusasa eliqhakazile. UFederico Mayor, owayengumqondisi-jikelele we-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization uxwayisa ngokuthi ngonyaka ka-2035, “abanye abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezintathu bayobe behlala emadolobheni akhona namuhla.” Ukuze sinakekele leli nani labantu elikhulu kangaka, “kuyodingeka sakhe amadolobha ayinkulungwane angahlala izakhamuzi eziyizigidi ezintathu eminyakeni engu-40 ezayo, angu-25 ngonyaka.”
Ochwepheshe bathi futhi imiphakathi yasemadolobheni eyanda ngokushesha inethonya elonakalisayo emadolobheni emhlabeni wonke. Futhi lokho kuhlanganisa amadolobha asemazweni ezimboni achumayo. Yiziphi izinkinga amadolobha abhekene nazo, futhi lokhu kungakuthinta kanjani wena? Ingabe akhona amakhambi? Izihloko ezilandelayo zihlola le ndaba ebalulekile.