Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 2/22 k. 32
  • Ukusiza Abantu Ukuba Banqobe Izinselele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Abantu Ukuba Banqobe Izinselele
  • I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—2001
g01 2/22 k. 32

Ukusiza Abantu Ukuba Banqobe Izinselele

IHHOVISI legatsha loFakazi BakaJehova eSri Lanka lathola incwadi ivela kunobhala we-Youth and Human Resources Development Society, eSifundazweni SaseMpumalanga. Lo nobhala wacela omagazini abathile be-Phaphama! abadala wayesephawula:

“Mina nengisebenza nabo sitholé ukuthi omagazini enangithumelela bona bayafundisa futhi bayakhuthaza kanti banengqondo futhi bayakholisa. Labo magazini abasakazi imfundiso yobuKristu ngenjongo ecashile, njengoba abanye besho kanjalo ngephutha. Ngibathola beyizincwadi ezinhle kakhulu.

“Siyanda isidingo somagazini i-Phaphama! (abasha nabadala), futhi kunezimpawu ezibonisa ukuthi lesi sidingo sizoqhubeka sikhula ezinyangeni ezizayo. Izihloko zomagazini benu zifundisa abadala, intsha nezingane. Zisiza bonke ukuba banqobe izinselele zamanje nezesikhathi esizayo ezibangelwa ukunganaki.”

Akukaze kwenzeke emlandweni ukuba abantu babo bonke ubudala babhekane nezinselele ababhekene nazo namuhla. Abaningi bayazibuza ikakhulukazi ukuthi ikusasa libaphatheleni nokuthi ukhona yini uNkulunkulu obakhathalelayo. Imibuzo enjalo iphendulwa ngendlela eyanelisayo encwajaneni ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela