“Yakha Ithemba Futhi Iqinisa Ukholo”
ISIMISO SOKUTADISHA IBHAYIBHELI SOMHLABA wonke ebesixhaswa oFakazi BakaJehova muva nje besihlanganisa nohlelo lwezinyanga ezimbalwa lokutadisha umlando wasendulo nesiprofetho esilotshwe encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli. Phawula amazwi okwazisa asencwadini elandelayo evela ePoland.
“Bese kuyisikhathi eside sifisa ukuthola ukuqonda okunembile ngesiprofetho seBhayibheli sikaDaniyeli. Manje leso sifiso sesanelisiwe. Insiza-kufundisa yeBhayibheli esetshenziswayo, ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!, inobufakazi obulula, ulimi olucacile nemifanekiso ekhangayo. Konke lokhu kukhanga ingqondo nenhliziyo. Lokhu kuye kwaqinisa ithemba lethu lokuthi injongo kaNkulunkulu iyogcwaliseka ngesikhathi sakhe esifanele. Le nsiza-kufundisa enhle yakha ithemba futhi iqinisa ukholo.”
Ingabe siyakukhungathekisa isimo sengqondo sanamuhla sokungabaza, esihlanganisa ukugxeka umlando weBhayibheli ngokungafanele? Uma kunjalo, incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! iyokuthakazelisa futhi ikujabulise inhliziyo. Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa isigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
Bonisa ulimi
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 32]
Persian frieze: From the book The Coloured Ornament of All Historical Styles; Alexander the Great: Roma, Musei Capitolini; cylinder: Photograph taken by courtesy of the British Museum