Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 1/22 k. 32
  • ‘Iseluleko Esifike Ngesikhathi’ Sabo Bonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Iseluleko Esifike Ngesikhathi’ Sabo Bonke
  • I-Phaphama!—2001
I-Phaphama!—2001
g01 1/22 k. 32

‘Iseluleko Esifike Ngesikhathi’ Sabo Bonke

UMFUNDI wencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya wabhala: “Ngakhala mí izinyembezi lapho ngifunda isiyalo ‘esinengqondo’ nesifike ngesikhathi. Ngithinteké inhliziyo ngempela futhi angazi ukuthi ngingathini ngendlela eningiliza ngayo futhi ibonise ukucabangela lapho isingatha (ngokuyinhloko) zonke izimo eziyinkinga ezingaphakama emkhayeni. . . . Ngivele ngama phakathi nesahluko 8 ukuze nginibhalele. Bengingeke ngisakwazi ukulinda.”

Lo mfundi onokwazisa waseNyakatho Carolina, e-U.S.A., wanezela: “Ngithandazela ukuba umkhaya wami, kanye neminye eminingi emhlabeni wonke, izinakisise izinto ezishiwo kule ncwadi.”

Izigidi emhlabeni wonke ziye zasizwa yile ncwadi enamakhasi angu-192. Kule ncwadi kukhulunywa ngawo wonke amalungu omkhaya—indoda, umfazi, abazali, izingane nomkhulu nogogo. Phakathi kwezihloko zayo ezifundisayo kukhona ezithi “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana,” “Siza Umntanakho Akhule,” “Vikela Umkhaya Wakho Emathonyeni Onakalisayo” nesithi “Gcina Umkhaya Wakho Unokuthula.”

Ukuze uzitholele ikhophi, siza ugcwalise lesi sigqebhezana esingezansi bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini. Uyothola ukusikisela okuqondile okungakusiza ukuba uxazulule izinkinga futhi wenze ukuphila komkhaya kube yinjabulo njengoba uMdali ayehlosile.

□ Ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.

Bonisa ulimi

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela